Ushise isoka nendlu engafuni ukwaliwa

883

Kuthiwa ubeseke walithengela izinkabi ukuba zilisoconge kwaze kwaba yikabili

THANDEKA NGOBESE

Nkk Dudu Soni ephethe isithombe sendodana yakhe enguMnu Soni okusolwa ukuthi ishiswe yafa ngobeyintombi yayo ngoba ingafuni ukwaliwa.
izithombe ngu: Sandile makhoba

USOLA amaphoyisa asesiteshini iDurban Central, eThekwini ngobudedengu umndeni wowesilisa wakwaF, eMlazi okuthiwa adedela unina wengane yakhe eyozinikela kuwona emuva kokumshisa nendlu wagcina ngokushona ngoba engayizwa eyokwaliwa. 

UNkk Dudu Soni ongunina kamufi, uMnu Malusi Soni (36), oshiswe ngoLwesibili olwedlule, uthi akaboni ukuthi siyoke sisuke engqondweni isithombe sendodana yakhe nezwi layo ikhala icela usizo, ngendlela eyashiswa ngayo yilona wesifazane okuthiwa udabuka KwaNongoma. 

Kuthiwa umsolwa esingeke simdalule kwazise usagcwele izinkalo ushisa umufi nje, useke wamthengela izinkabi ukuba zimsoconge kwaze kwaba kabili. 

“Lona wesifazane wafika la ngo-23:30 wabhunyela uphethiloli endlini engaphandle elala uMalusi, omunye wawubhunyela ngasemnyango, walayitha. 

“Isigubhu samafutha esiwu-5 litha ayefake kusona lo phethiloli nezicathulo ayezigqokile, wakushiya lapho wabaleka. Saphaphama umntanami ekhala, sazama sakhahlela isicabha waphuma ekhala ethi waze wangibulala u… esho igama lale ntombazane.

“Inyama yayibucukile umzimba wonke, ngisho ebusweni engasabonakali. Samphuthumisa esibhedlela ePrince Mshiyeni, kanti uzoshona ngakusasa ngabo-9,” kusho uNkk Soni. 

Uthi ngosuku okwenzeka ngalo lesi sigameko, umufi wabaxoxela ukuthi usinde ngokulambisa ephuma emsebenzini inkabi eyayithengwe ngunina wengane yakhe isho ukumjuqa ngommese. 

“Kwenzeka lokhu nje, le ntombazane yamthumelela umyalezo engakaphumi emsebenzini yathi, ‘namhlanje ngelamanqamu’, makalibuke aligcine ngoba usezofa. Yamtshela ukuthi kunabantu abamlinde ngaphandle kwasemsebenzini, sebembonile nokuthi ugqokeni. 

“Wasitshela ukuthi kwathi eseyophuma esangweni ehamba nomunye wesifazane, wambona owesilisa ekhipha ummese ebaphuthuma, wabaleka wangena etekisini wajika lona wesilisa. Emuva kwalokho kwangena umyalezo ocingweni lwakhe le ntombazane ithi angazitsheli ukuthi usindile. 

“Lo mlayezo wafika wasikhombisa wona lapha ekhaya, esho nokuthi useyesaba nokuya emsebenzini ngenxa yale ntombazane,” kusho uNkk Soni. 

Uthi indodana yakhe yake yabika nasemaphoyiseni bayenzela incwadi eyisivimbelo ukuthi umsolwa angasondeli kuyona. 

Utshele ILANGA ukuthi le nkabi eyathunyelelwa indodana yakhe kwakungeyona eyokuqala njengoba ethi umsolwa wake washutha isitaki semali wathi uyokhokhela ngayo izinkabi ezizoqeda ngoMnu Soni. 

Uthi ngoLwesithathu bezwa ngamaphoyisa aseGG ukuthi lona wesifazane waya esiteshini saseCR , eThekwini eyozinikela kodwa kwathiwa makayozinikela eGG, eMlazi ngoba icala walenza khona. 

“Ngiyasola ukuthi waphuma lapho washaya utshani njengoba engasekho nalapho okuthiwa ubeqashe khona. Amaphoyisa (aseCR) ababudedengu ngoba kwakufanele kube yiwona amhambisayo kodwa amdedela,” kusho yena. 

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi umsolwa wesifazane uzinikele esiteshini samaphoyisa eDurban Central, walandwa ngamaphoyisa aseMlazi ngalo usuku azinikele ngalo, kumanje ugqunywe ezitokisini emuva kokuba evele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi eyobingelela ngoLwesine. 

ILANGA libuyele emndenini unina kamufi wathi uyakuqabuka okokuthi umsolwa useboshiwe. Ubuyele kwiLANGA wathi ubekhuluma nomphathi siteshiothe bebengakambophi umsolwa. 

thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articleInjabulo enqoba kuma-Idols
Next articleUbekhonze amancoko uMadisha