Ushiye isikoleesekwa-matricumfundi “oshiswengumsizikamasitende”

661

Uthi ukungezwani kwabo kudale ukuthi ezinye iziqashi ziphume emqashweni okudine umsolwa wasola yena ngale nkinga

USELAXAZE isikole esabela impilo yakhe, umfundi kamatikuletsheni wase-Ngono High, eMfongosi, eNkandla, othi ubhunyelwe ngamanzi abilayo ngumsizi kamasitende wakhe ngenxa yokungazwani kwabo. UNkz Thulile Ngcobo (24), wase-Mgababa, eThekwini, obefunda umatikuletsheni eNkandla, ehlala emqashweni, useshiye phansi isikole ngenxa yokuzizwa engaphephile. Ubalisa ngephupho lakhe lokuba uzime ngelinye ilanga, uthi selishabalele njengamazolo ebona ilanga kwazise amanzi amshise ingxenye yomzimba wakhe. Utshele ILANGA ukuthi okumehlele uyokuxoxela amagwababa echobana.


“Lo mama ongithele ngamanzi uyisisebenzi (caretaker), usiza udadewabo ebhizinisini lokuqashisa. Ngokubona ukuthi mina naye asizwani uhlale engithuka, ngikhethe ukuyofuna omunye omqasho. “Sengihambile uqhubekile wahlukumeza udadewethu. Ngosuku olulandelayo ngiphindele khona ngiyokhuluma indaba yokuthi bayeke ukuhlukumeza udadewethu, yena obesaqashe khona ezophuma ngenyanga elandelayo. “Ukungezwani kwethu kudale ukuthi nabanye abantu abaqashile baphume bayofuna enye indawo. Kumdine kakhulu lokho, wasola mina ngokuhamba kweziqashi.


“Ungihlasele ngisemqashweni wami ngilungiselela ukuya esikoleni, ufike wangithuka, wathatha amanzi okugeza ebengiwabeke ngebhodwe wangibhunyela ngawo emzimbeni.” kulanda yena. “Ngibuhlungu ngoba impilo yami imile manje, angisakwazi ukuqhubeka nokufunda ngenxa yokulimala. Ngeke ngisakwazi ngisho ukumodela. Amanzi angishise ebusweni, emzimbeni nasezindlebeni imbala. Leli phephandaba lishayele umasitende lifuna ukuzwa kabanzi ngalolu daba, wathi kunomsindo usetekisini. Uthunyelelwe umyalezo ocingweni lakhe nawo agcine engawuphendulanga.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uvumile ukuthi kunecala lokushaya elivulwe esiteshini saseKhombe wathi umangalelwa oneminyaka ewu-43, uvele enkantolo ngecala avulelwe lona, lahlehliselwa umhlaka-19 ku-Mbasa (April).

Previous articleLuthuthela oKhoziniuhlelo locansi
Next articleBethukile kubulawa (6) eMbumbulu