Ushone engagulanga uMshoza

1122

THANDI ZONDI 

UCHAZWA njengomuntu obenomoya ophansi uMshoza ongasekho. 
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

NAKUBA ubebukeka njengomuntu ophaphile emehlweni abantu umculi we-kwaito ongasekho emhlabeni, uNomasonto “Mshoza” Maswanganyi (37), kodwa umndeni wakhe umchaza njengomuntu obezithulela. 

Ekhuluma neLANGA LangeSonto udadewabo kaMshoza omncane, uSeipati Maswanganyi, uthe: “USonto ubengumuntu ophansi owenqena nokukhuluma. Uma ekhuluma ngalelo langa, bekumele wazi ukuthi kukhona okumphethe kabi.” 

USeipati uthi uMshoza ubebambe iqhaza elibalulekile empilweni yakhe kusukela beshonelwa ngunina. 

“Ubenothando futhi esekana. Ngemuva kokushona kukamama ungene shi ezicathulweni zakhe, waba ngumama kimi,” kuchaza uSeipati.

Uthi namanje kusenzima ukwamukela udaba lokushona kukadadewabo kunzima nokukhuluma. 

“Usizumile kakhulu. Kuthe uma ngiphuma edolobheni (ngoLwesine), ngithola izingcingo zabantu abebesiduduza kwabuya konke kimina ukuthi impela akasekho,” kusho yena.

Uthi uMshoza ubenezinhlelo zokuqhubeka namabhizinisi futhi ubematasa nge-albhamu yakhe entsha abehlele ukuyikhipha maduze. 

“Silahlekelwe (siwumndeni) kodwa kasilahlekelwe sodwa. Ngiyazi ukuthi ubengumuntu wabantu abalandeli balahlekelwe nabo. Sibonga amazwi enduduzo alokhu engene njalo, singeke sabala umuntu ngamunye ngoba sizogcina sesishiye abanye ngaphandle. 

“Siyabonga kakhulu. Sizobazisa abantu ngezinhlelo zomngcwabo uma sesiziphothulile,” esho. 

Ebuzwa ngokugula kuka-Mshoza njengoba kusabalale imibiko yokuthi ubenesifo sikashukela, uthe: “Hhayi, uyazi sisi ngimangele nje abantu sebebhala izinto eziningi esingazazi. USonto akazange agule. Ubengumuntu onesifuba kakhulu. Bekwenzeka uthi ungazelele lutho uzwe esekufonela athi mlande esibhedlela ubeyokwenza i-operation.” 

Izindaba zokushona kwalo mculi zisabalale ngoLwesine. Osaziwayo endimeni yezomculo nabalandeli babhonge emswanini ezinkundleni zokuxhumana, bekhumbula igalelo lakhe kule ndima. 

Previous articleIdili lamagoli koweDowns noSuthu
Next articleKuboshwe abayisihlanu ngokufa kweZinyane leSilo