Ushone isigubhukane umgadli woSuthu

354

ZISHAQISE abaningi izindaba zokushona isigubhukane komgadli wamaZulu FC, uBongi “Mdeva” Ntuli odlule emhlabeni namuhla ngeSonto emuva kokugula isikhashana njengoba ebelaliswe esibhedlela esizimele saseMgungundlovu, iMidlands.

Ubesanda kushadelwa nguSnenjabulo Zungu oyindodakazi kaSandile Zungu ongumengameli woSuthu.

USne uyisikhulu esiphezulu soSuthu. Izindaba zokushona kukaNtuli ziqinisekiswe ngamaZulu FC.

Lala ngokuthula Mphemba.

Previous articleBayanda abaxoshelwe ukulova bangawubhala umatikuletsheni
Next articleIzakhele umqansa iDowns idliwa kowe-African Football League