Ushonele esibhedlela owesifazane (59) oshaywe, wanukubezwa ngumfana wendawo

332

THANDI ZONDI

USHONELE esibhedlela owesifazane waseMid-Illovo – phakathi kweTheku noMgungundlovu – okusolwa ukuthi ushaywe kanzima, wadlwengulwa ngumfana wendawo. Ekhuluma neLANGA uThando Madonsela (24), oyilungu lomndeni, uthe kubaphethe kabi ukuthi sekuphele izinsuku uyisekazi, uTholakele Nzimande (59) (osesithombeni) wagilwa, kodwa umsolwa usagcwele izinkalo.

Uthe umufi wangenelwa ngumsolwa mhla ka-28 kuMfumfu (October), wamdlwengula ephindelela, wamklinya, wamshiya ethi ufile.

“Esilandisa ngakusasa, uthi lo mfana waqala wadla ukudla efrijini, ngaphambi kokumnukubeza,” esho. 

Uthe umufi – obesedvondolozela ntenga yokushaywa wunhlangothi – waze waphaphama ngakusasa, waxoxela abasegcekeni ngokumehlele. 

“Samphuthumisa esibhedlela e-Edendale, waxilongwa, samyisa nasesikhungweni iThuthuzela, bameluleka. Ngenxa yesimo ayekuso, kwathiwa uzolaliswa,” esho. 

Uthi kuhambe isikhathi isisulu sagcina singeniswa egunjini labagula kakhulu, ngebhadi kwagcina kusenele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe umsolwa usagcwele amathafa. 

tzondi@ilanganews.co.za

Previous articleKusolwa umnyango ngokuzithela ngabandayo ezinkingeni zesikole sothisha abalovayo
Next articleUyise kaNtuli usanemibuzo ngokushona kwendodana yakhe