Usinde ebulawa umculi kamasikandi

1456

MTHOBISI SITHOLE

UPHUNYULE ekufeni umculi kamasikandi oshaywe waphoqwa ukuba angene ebhuthini
yemoto yakhe ngesikhathi ebanjwa inkunzi ngoMgqibelo ebusuku eMalahleni, eWitbank.
UMuzikayise Xaba (osesithombeni), odume kubalandeli bakamaskandi ngoGovozile
“iTourist” Khumalo waseNtumbane, oPongolo, kuthiwa ushaywe yizigebengu zamshiya zithi
ziqedile ngaye. Lo mculi wodumo lwengoma ethi “Ishwa Lami” – enezinhlamvu ezithi “Ngihlale ngishiywa yizinsizwa” uthi kuthe uma eshayisa ngabo-18h30 kwa-Eskom lapho esebenza khona, wayokhipha imali emshinini ngoba bekumele aye eGoli ngeSonto, eyokhokhela umculo wakhe osestudiyo.
Uthi ukhiphe u-R3 400 okuthe uma ebuyela emotweni yakhe i-VW Polo, kwakhala umakhalekhukhwini, wawubamba wakhuluma nawo. Kuthe esematasa nawo, engazikhiyile izicabha zemoto, wabona sezivuleka, wabona izinsizwa ezintathu ezimkhombe ngezinganono zathi makaphume emotweni. “Bafune izikhiye zemoto, umakhalekhukhwini
nemali ngabanikeza konke.
“Bangikhombe ngezibhamu bethi mangingene ebhuthini, ngashaya phansi ngonyawo.
Bazamile ukungiqukula befuna ukungifaka ngekhanda kwasho ukuthi ngiyazabalaza.
“Ngaleso sikhathi kwenzeka le nto, kubaleke bonke abantu,” kusho uGovozile. Uthi ngenxa
yokuthi la madoda abehluleka wukumlayisha ebhuthini, amthathe amfaka ezihlalweni
zemoto ezingemuva, wagadwa ngenye yawo, ashaya achitha naye.
Uthi ngesikhathi kuhanjwa naye, akazithelanga ngabandayo kwazise ubebona ukuthi useyobulawa, uvele wavula isicabha imoto ihamba, waphuma nenye yalezi zinsizwa, okuyiyona ebimgadile, bayothanqazeka phansi emgwaqweni.
“Ibuye ngesinye isivinini imoto, bafike bathatha lona engiphume naye, bangishaya ngenqindi nangesibhamu ekhanda, bangishiya khona lapho. Ngiye esibhedlela ngayotishwa ngoba bengilimele kanzima,” kusho uGovozile.
Utshele ILANGA ukuthi ngenhlanhla ukwazile ukuthola umakhalekhukhwini kuleso siphithiphithi, wabikela inkampani yesiqophamkhondo (tracker) semoto.
Uthi ubonga uNkulunkulu ngokumnikeza isibindi sokungavumi ukungena ebhuthini ngoba ngabe akwaziwa ukuthi wafelaphi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, uBrigadier Leonard Hlathi, uthi icala
lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe, livulwe nguMuzikayise Xaba esiteshini samaphoyisa eClifton, eWitbank. Uthi okwamanje akukaboshwa muntu kodwa imoto isitholakele.


Previous articleLuya kude olukaGordhan no-Adv Mkhwebane
Next articleIzitha zayizolo nobuhlobo obusha