Usinde elindwe yizinkabi kwakhe

429

Kuthiwa zihlale ihora zimlindile, zakhomba umndeni ngezibhamu, zakhuleka indodana endala, zashaya zachitha nomabonakude

“Mtekhala” Magubane (osesithombeni)

MTHOBISI SITHOLE

USINDE emlonyeni wengwenya umculi kamasikandi elindwe yizinsizwa ebezihlomile emzini wakhe eParadise Park, eSpruitview, eGoli. UZwelenduna “Mtekhala” Magubane (osesithombeni) wase-Mahlaba, eMsinga wodumo eqenjini likaShwi noMtekhala, uphunyule elindwe ngezibhamu kwakhe ngoLwesibili eGauteng lapho anomuzi khona. Ngokuthola kweLANGA, kubikwa ukuthi kugasele izinsizwa ezintathu kwakhe ngo-9 ebusuku zifuna yena, okuthe uma zithola ukuthi akekho, zahlala zamlinda. Kuthiwa ngesikhathi zingamtholi, ziphoqe izingane zakhe ukuba zimfonele, zimbuze ukuthi uzofika emuva kwesikhathi esingakanani.


Kuvela ukuthi zihlalile lezi zinsizwa zamlinda zaze zahamba emuva kwehora ngoba engafiki. Engxoxweni yaleli phephandaba noMtekhala, uthi ubonga uNkulunkulu ngokuthi lezi zelelesi kazimficanga.Uthe akukho akusolayo okuholele ekuhlaselweni komuzi kayise ngoba kayikho ingxabano ekhona phakathi kwakhe nabantu basendaweni. “Namanje ngisamangele ukuthi bekuyini inhloso yabo, mhlawumbe okungenzeka ukuthi wubugebengu nje, obujwayelekile nakuba amaphoyisa eyichithile imidlinzo yami yokuthi kungenzeka ukuthi wubugebengu nje basezweni, athi izenzo zabahlaseli kazikhombisi ukuthi bekukade kuhlosiwe ukugebenga emzini wami. “Ngesikhathi laba balisa bethi izingane mazingifonele ngamafoni azo, zibuze ukuthi sengikuphi, zithe azinayo i-airtime ngasinda kanjalo,” esho.


Utshele leli phephandaba ukuthi ufike kwakhe ngabo-11 ebusuku, bashiyane ngehora elilodwa nabahlaseli sebehambile. Uthi mhlawumbe ukuba izingane zakhe zifonile, ngabe kukhulunywa ukuba akekho emhlabeni. “Ukuhlala kwabo bangilinde, bakhombe izingane ngezibhamu kuyinto engeyinhle neze impela,” kusho uMtekhala. Uthi kukhulekwe ngentambo indodana yakhe endala, kwathathwa umabonakude kuphela. Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCapt Mavela Masondo, uthe likhona icala elivuliwe kusaphenywa. UMtekhala noShwi bazakhele udumo emculweni kamasikandi ngonyaka ka-2004 ngengoma ethi “Ngafa” kwi-albhamu yabo esihloko esithi, “Wangisiza Baba,”ebahlomulise okuningi kule ndima yomculo wabo, okuthe nyakenye bahlukana, laphela iqembu labo ngenxa yokungaboni ngaso linye phakathi kwabo. Njengamanje uShwi usezimele yedwa kanti uMtekhala uqhubeke wabambisana noMaqatha Dlamini nabo kwabakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwabo bahlukana. mthobisis@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za

Previous articleIChiefs ihlabane ngenjini yomdlali
Next articleKuphambana ukukhuluma ngokudunguzela kweSilo samaZulu