Cishe kwavalwa ngehlahla, egingqika namagidangoma akhe
MTHOBISI SITHOLE
CISHE kwavalwa ngehlahla, umculi kamasikandi nama-gidangoma akhe begingqika nemoto ngoLwesihlanu eSambabe, eKranskop, belibangise esigodlweni seSilo KwaKhetho-mthandayo, KwaNongoma, lapho bebezohlangana khona namanye amaciko kamaskandi.
Bebeyokhalisa iNdlunkulu kaZulu ngokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
ILANGA lithole ukuthi u-Ali Mgu-be – wodumo lweqembu amaSAP – namagidangoma akhe basinde nge-Nkosi kule ngozi. Abaculi bebeha-mbise izinkomo eziwu-6 zokukhalisa indlunkulu, lapho uMgube na-magidangoma akhe begcine benga-fikanga khona.
Lo mculi utshele ILANGA ukuthi bebehamba ezindaweni ezehlelayo ngaseKranskop, okuthe uma ethi wehlisa isivinini, imoto yala, oku-khombise ukuthi inenkinga yama-bhuleki. Uthi uzamile ukuyikhipha ngaphandle komgwaqo yavele yadla amagalani yadundubala amagquma. “NgoNkulunkulu emuhle, kasilimalanga, kulimale imoto. Ukulimala nemoto sekuyi-nto elokhu ingilandela ngoba ne-minwe yami kayiphelele nje, ku-ngenxa yakho ukuthi ngalimala engozini yemoto.
“Ngibonga uNkulunkulu nedlozi lakithi ngoba bekuzofa nezingane zabantu engisebenza nazo, beseku-thiwa bengithwala ngazo,” kusho uMgube.
Utshele ILANGA ukuthi senzekile isigameko esifana nalesi ngePhasika ngesikhathi ebuyisa umfowabo owashona nyakenye. Uthi kwathi sebebuyela eGoli – esuka kubo KwaMaphumulo – imoto eyayiha-mba abafowabo yaphenduka.
Uveze ukuthi ukuba uyazenzela, ngabe akasahambi ngemoto nge-ndlela esimhlukumeze ngakhona empilweni yakhe. “Kangazi nga-mpela ukuthi yini lena engaka elo-khu isilandela,” kusho uMgube.