Usindiswe ngamaphoyisa umnikazi wePitbull

568

Inja ibulale ingane eneminyaka emithathu

BHEKI NDLOVANA
LISHONE elayizolo kubatshazwa esinye isigameko sokufa kwengane eneminyaka emithathu okubikwa ukuthi idliwe yinja yohlobo olusematheni kulezi zinsuku, olubizwa nge-pitbull. Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke eHenneman, eFree State, izolo ngeSonto. Kubikwa ukuthi kusuke esinamathambo ngesikhathi amalungu omphakathi esho ukumqeda umnikazi wale nja. Kubikwa ukuthi usizwe wukuyatshulwa ngamaphoyisa, ambalekisa. Isigameko sakamuva senzeka nje, iphezulu imimoya ezweni njengoba kubangwa indaba yokufuywa kwalezi zinja emakhaya.


Kunomkhankaso oqhubekayo wokunxenxa uhulumeni ukuba akuvale ukufuywa kwalezi zinja ezweni ngoba zibonakala ziyingozi enkulu ebantwini. Ngakolunye uhlangothi kukhona abashaya phansi ngonyawo, bathi makungavalwa ukufuywa kwazo. Labo abangafuni kuvalwe ukufuywa kwazo bayaphikisana nokuthi ziyingozi, bathi kuya ngendlela umuntu ayikhulisa ngayo inja yakhe. Ngenyanga edlule iSizwe upelo Foundation ibhale incwadi yesikhalo yokuphoqa uhulumeni ukuba avale ukufuywa kwalezi zinja. Izolo ngeSonto le ncwadi ibisisayinwe ngabantu abangaphezu kuka- 103 000 abahambisana nokuthi kuqedwe nya ezweni ukufuywa kwalezi zinja.

INational Council of Society for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA) nayo ithi iyaseseka isiphakamiso sokuba kuvalwe amaPitbull. ISPCA ikhuthaze abanikazi balezi zinja abangasathandi ukuzigcina emakhaya abo ukuba bazihambise ezikhungweni zabo eziseduze. Ziningana izigameko esezibikiwe eNingizimu Afrika zabantu abalunywa babulawe yilezi zinja. Esinye salezo zigameko senzeke ngoMandulo (September) eGqeberha eNelson Mandela Bay, lapho ingane eneminyaka ewu-10, uStorm Nuku, ilunywe ngama-pit bull kubo yashona.


Kungekudala kuyo le nyanga lolu hlobo lwenja lulume lwabulala umfana oneminyaka ewu-8 u-Olebogeng Mosime eVista Park, eBloemfontein khona eFree State. NgoMfumfu (October) ILANGA libikile ngalolu daba lwalezi zinja, lakuveza okuthi kwamanye amazwe ekwavalwa ukufuywa kwazo. Phakathi kwalawo mazwe okungasavumelekile ukufuywa kwalezi zinja kubalwa eDenmark, eVenezuela, ePuerto Rico, eItaly, eGermany, eNetherlands, eFrance, namanye.

Previous article‘Ubulale ishende nengoduso, wadubula nomkhwekazi’
Next articleAmaloli ayaqhubeka nokubhubhisa emigwaqweni yaKwaZulu-Natal