SKHOSIPHI MTHEMBU
UDUNGUZA ebumnyameni umndeni wakwaNgcece, eMthwalume ngokunyamalala kwendodakazi yawo, uSnethemba Ngcece (8) (osesithombeni), ngoLwesine iphuma esikoleni, isigoduka.
Kuthiwa kuze kube yimanje kakaziwa ukuthi ukuphi uSnethemba okubikwa ukuthi ugcine ukubonakala ethenga esitolo esisendaweni, ebuya esikoleni afunda kuso, eMakhoso Primary School. NgoLwesine,
umndeni ngokubambisana namaphoyisa nomphakathi, uphume umkhankaso kuthungathwa uSnethemba, kodwa lutho ukumthola.
UMnu Sphelele Sibiya ongumfowabo kayise kaSnethemba, uthi kabusafiki nobuthongo njengoba ingane ingaziwa ukuthi ikuphi. Uthe ngokujwayelekile, ivame ukufika kuqala kunaye uma ibuya esikoleni. NgoLwesine uxakekile uma efika, wathola ukuthi kayikabuyi.
“Siqale lapho ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Siye lapho afunda khona, uthisha wakhe wathi ugcine ukumbona ethatha isikhwama sakhe emini esegoduka, wavalelisa wahamba nezingane ajwayele ukuhamba nazo uma egoduka.
“Kuthe uma kubuzwa izingane abehamba nazo, zathi zigcine ukumbona eyothenga uswidi esitolo. Siyile nakhona esitolo, bavuma ukuthi ufikile wathenga, wahamba. Kabambonanga ukuthi uphume wabheka ngakuphi,” kusho yena.
Eqhuba, uthi babe sebeyobika emaphoyiseni, kwakhishwa nophiko oluhamba nezinja.
“Izinja zahogela kodwa nazo zabuya zilambatha. Siqhubekile nokubheka ebusuku, namanje sisaqhubeka nokubheka,” kusho uMnu Sibiya.
UMasipala waseMzumbe – lapho kuhlala khona uSnethemba – nawo usuhlabe ikhwelo lokufuniswa yena ekhasini lawo ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokunyamalala kwengane, amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umkhondo.
Kucelwa ongaba nolwazi noma oyibonile ingane ashayele ku: 08600 10111.