Usizi kowoKhozi FM eshonelwa ababili

1484

THANDEKA NGOBESE

UMSAKAZI woKhozi FM uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo oshiywe ngumyeni wakhe abeshada naye ngonyaka owedlule, uMfu Nathan Pottier.                                                  
isithombe ngu: sandile makhoba

ISHAYE kabili inkemba yokufa kumsakazi woKhozi FM, uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo eshonelwa ngumfowabo obengumphathi nomsunguli wesiteshi somphakathi, iZululand FM uMnu Bhekisisa Ngcobo (osesithombeni), okuthe kusabhekwe lokho, washonelwa ngumyeni wakhe, obeyiphoyisa, uMfu Nathan Pottier. 

Lo msakazi owenza uhlelo oluthi‚ “Kwasa Okungaliyo” kulo msakazo, kuthiwa usadidekile, akakwazi nokukhuluma ngalokhu okumehlele. 

UMnu Ngcobo washona mhla lulunye kwephezulu kanti uMfu Pottier wahamba ngakusasa zimbili kuyo ephezulu. 

Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Mu Ngcolosi, okhulumela umndeni wakwaNgcobo kulolu daba, uthe uMdonso ugqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kukamfowabo ngoba ubefana noyise njengoba uyise wabashiya esemncane. 

“Ngingasayiphathi eyomyeni wakhe. Okwamanje sengathi akukaziki kuyena ukuhamba kwabo. Usadidekile. Ukhale kakhulu kushona umfowabo, kuthe sekufika izindaba zokushona kukaPottier, wavele wathi akusakhaleki. 

“Ngisho uthi uyamduduza, uvele ungazi ukuthi uthini,” kusho uMnu Ngcolosi. 

Uthi okuzwisa umndeni ubuhlungu nakakhulu wukuthi bobabili kabagulanga. 

UMnu Ngcobo ubehlushwa wumfutho wegazi ophezulu. Ngezinsuku zakhe zokugcina kuthiwa ubelokhu esho ukuthi kuthiwa uphezulu kakhulu. 

Ngaphandle komsakazo, uMnu Ngcobo ubenoxhaxha lwamabhizinisi okubalwa inkampani yonogada, ikhemisi, futhi edayisa izindlu, ngokusho kukaMnu Ngcolosi. 

Uthi ushona nje, bekufanele agqoke ijazi lobudokotela njengoba ephothule iPhD in Marketing e-University of Pretoria. 

Uzofihlwa ngoLwesine eSwanini, eNkandla lapho ezalwa khona. 

UMnu Ngcolosi uthe okwamanje uMdonso uzoba kubo kuze kufihlwe umfowabo anduba aye emzini eyofihla umyeni wakhe. 

Uthi lokhu bakwenze ngokuvumelana nabasemzini njengoba bazi ukuthi nakwaNgcobo basemanzini.

 Ilungu lomndeni wakwaPottier elingathandanga kuvezwe amagama alo lithe ushonele esibhedlela saseMpangeni, okwamanje akukaziwa ukuthi uzofihlwa nini njengoba besahlanganisa amakhanda njengomndeni. 

Previous articleBasola abamakhaza kuphambana izidumbu
Next articleUsefisa ukuyolwela ukunqoba iGrammy umculi kamaskandi