JOHN HLONGWA
USIZI luzwa olunye kuSihlalo weBhucanana Taxi Association, eMpangeni, uMnu Vikinduku Biyela (42) – ongumfowabo womsakazi woKhozi FM, uZimdollar Biyela – oseshiselwe amanye amatekisi awu-11.
UBiyela ushiselwa lawa nje, ngoLwesine ILANGA libike ngokushiswa kwamatekisi akhe awu-4 ngempelasonto.
ILANGA Lempela-sonto lithole ukuthi la matekisi (awu-11), angqongqiswe ngo-Lwesine ebusuku, esendaweni apaka kuyona eMpangeni.
UBiyela utshele leli phephandaba ukuthi ukushiswa kwamatekisi akhe kuwumyalezo oqondile wokuthi uyakhishwa embonini.
“Ngithole ucingo enkampanini yesiqophamkhondo (tracker), bengazisa ukuthi kubonakala kunokuphazamiseka ezimotweni, ngathi khona othinta ama-battery.
“Ngemuva kwalokho, ngithole izingcingo zivela ebantwini abaseduze nale ndawo, bengazisa ukuthi (amatekisi) ayasha. Ngifonele igenge yakithi ngokushesha, ngathi mayiphuthume khona. Ifike eseshe angqongqa awu-11.
“Esewonke amatekisi ami abewu 22. Kulawa ashisiwe awu-4 kuphela abesakhokha, amanye abesekhokhelwe aqedwa,” esho.
Uthi usola amaphoyisa ngalo monakalo.
“Unogada bamthumbile, bamphuca isibhamu. Uthi kufike imoto yamaphoyisa ishaya amalambu aluhlaza, wayivulela. Kangazi ukuthi ubengenwe yini ngoba ngamtshela kahle ukuthi angalinge avulele abantu lapha,” elanda.
Uveze ukuthi usekubhaceni.
USihlalo weSantaco wesiyingi iKing Cetshwayo, uMnu Makhunga – onqabile negama lakhe – uvumile ukuthi akhona amatekisi ashisiwe.
“Izinkinga zikhona la, sike savakashelwa ngamaphoyisa athi azoqeda imali edume ngebhakede, ekhala ngokuthi iyona eyimbangela yodlame embonini. Uma eqeda le mali, sizibuza ukuthi izidingo zo-soseshini zizokhokhelwa ngani.
“Inkinga yokusha kwamatekisi kayiveli kahle ukuthi yini imbangela yayo, kodwa kukhona nezinto ezithinta umndeni. Noma kunjalo, ukushiselana izimoto siyakugxeka, uma kukhona ukukhononda, kungcono kuhlalwe phansi kuxoxwe,” esho.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usivumile lesi sehlakalo, wathi amaphoyisa asaphenya.
hlongwaj@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za