Usizi luzwa olunye kwiBucs

587

Ukulimala kukaNdah kungase kubuyise ‘ikhongco elibuthaka’

I-KAIZER Chiefs izothembela kuKeagan Dolly (okwesobunxele) uku-nqoba i-Orlando Pirates elinyalelwe ngabadlali okubalwa kubo u-Olisa Ndah okubanjwe umoya ngaye, uma la makilabhu esebhekene kowomkhaya ngoMgqibelo eGoli Kwesingezansi nguMandla Ncikazi. IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uphumela obala ngezinkinga ababhekene nazo kule kilabhu evivela umdlalo omkhulukazi ebholeni lakuleli ezowugijima neKaizer Chiefs weDStv Premiership ngo-Mgqibelo ngo-15h30 eFNB Sta-dium, eGoli.

UMandla “Mhloli” Ncikazi ongomunye wabaqeqeshi bePirates, utshele abezindaba ukuthi ngendlela isimo sokulinyalelwa ng-abadlali esesisibi ngayo kuma-Bhakabhaka, usengakwazi ngisho ukwakha isikimu esiphelele ngabadlali abalimele.

Ubalisa kakhulu ngokwakamuva kokulimala kwesitobha esifike kwezwakala kwiPirates, u-Olisa Ndah waseNigeria. Selokhu lo mdlali efikile kuleli ngasekuqaleni kwesizini, udlala ngokukhulu ukuzwana noHappy Jele ongukaputeni wale kilabhu naye osanda kulimala. 

Lokhu kungase kuholele ekushayeni ibuya kukaThulani “Tyson” Hlatshwayo othathwa nje-ngekhongco elibuthaka njengoba ejwayele ukwenza amaphutha adlisela eZimnyama.

Kuphazamiseka udonga lweBucs nje, obeselubonakala selu-yinqoba inkinga yokuphisana ngamagoli alula, nasezintini ibhekene nengwadla le kilabhu njengoba unozinti wayo wokuqina uRichard Ofori waseGhana elimele kanjalo nephini lakhe lokuqala uWayne Sandilands.

Lokhu sekwenze le kilabhu yathembela kuSiyabonga Mpontsha-ne osesizwa ngunozinti olandwe isipesheli eqenjini elincane le-Bucs elidlala kwiDiski Challenge, uThuntsane Kopano.

Ekhuluma emuva kokuba iBucs iguqise ngo-2-1 iSekhukhune United koweligi ngoLwesibili kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto, uNcikazi uthe sinzima isimo ababhekene naso ngapha-mbi kwalo mdlalo wezinkunzi zababili. Nokho ukugcizelele ukuthi akafuni ukubeka izaba sengathi yibona bodwa abali-nyale-lwa ngabadlali yize ethi okwabo ukubona sekwedlulele.

IBucs iya kulo mdlalo womkhaya ibambe umoya ngoNdah (23) olimale koweSekhukhune.

“Sibhekene nezinselelo eziningi kodwa kangifuni ukubeka izaba ngoba ukulimala kwabadlali kwe-nzeka kuwona wonke amakilabhu, kodwa hhayi eqenjini lethu ngathi sekwedlulele. Empeleni sewunga-kha ikilabhu entsha ngabadlali bethu abalimele.

“Kodwa uMdali enguMdali, sonke isimo obhekene naso siyafika ekugcineni, kasazi ukuthi lokhu okwenzekayo kungani kwenzeka. 

“Ngiyajabula ngoba siwunqobile umdlalo weSekhukhune, okwenza siye kulona omqoka ekhalendeni sinokuzethemba.

“Yize-ke sibambe umoya ngo-Ndah, sethemba ukuthi uzolulama ngoba wonke umuntu uyazibonela ukuthi kwenzakalani odongeni lwethu (emuva). 

“Silahlekelwe nguJele manje sinoNdah okunokungabaza ngaye. Kodwa-ke sesibheke umdlalo ola-ndelayo sibone ukuthi usiphathe-leni yize kunzima,” kusho uNcikazi.

Amagoli eBucs acoboshise iSe-khukhune aqatshuliswe enethini nguLinda Mthambo obekuyiphe-nathi noKabelo Dlamini, kwathi elezihambi leza noSeth Perusnath.

Previous articleManingi amabhizinisi adinga ukuvulelwa imigudu yokuhweba
Next articleBazimisele ngokulungisa isimo