Usizi ngomuke wafa eyongcwaba umfowabo

870

Kusolwa uhulumeni ngezigameko eziholele ekutheni kuphume izidumbu

UMNU Bhekikhaya Luthuli omuke nomfula uMdloti eya emngcwabeni.

SKHOSIPHI MTHEMBU
KUKHONJWE ngenjumbane uHulumeni waKwaZulu-Natal ngezinye izigameko eziqubule isililo kulesi sifundazwe ngenxa yezimvula ezinamandla eziholele ekutheni kuphume izidumbu abantu bemuka namanzi. Umndeni wakwaLuthuli eGunjini, eNdwedwe, usola ukushiywa kwebhuloho lingaqediwe ukwakhiwa ngokumuka kwelungu lawo nomfula uMdloti liya emngcwabeni wesihlobo salo ngo Mgqibelo. UMnu Bhekikhaya “Tsiki” Luthuli (34), umuka nje, sekunesikhathi eside kwajama ukwakhiwa kwebhuloho lokuwela abantu nezimoto kule ndawo.


UMnu Sandile Luthuli ongumfowabo kamufi, uthi bagqemeke engeqiwa ntwala njengoba sekushone ilungu lomndeni lesibili ekubeni bebefihla ngoMgqibelo. “Ekhaya besifihla omunye wabafowethu kanti thina nabanye sisheshe sahamba siya emngcwabeni. Inkonzo iqhubekile engafikile (uBhekikhaya), sazitshela ukuthi mhlawumbe kukhona okumbambile. “Sithukile uma sesithola umbiko wokuthi umuke nomfula ezama ukuwela. Kuthiwa uzame ukuwela ngokuhlamba ngoba bonke abebeya emngcwabeni bebewela kanjalo,” kusho yena. Uthi akangabazi ukuthi ukube belikhona ibhuloho, ngabe umfowabo usaphila. “Ibhuloho elikhona lincane, amanzi adlula ngaphezulu uma ligcwele. Kunelinye abazama ukulakha esasizitshela ukuthi lizoba ngcono, kodwa balishiya bengaliqedile,” kusho yena.


Kwesinye isigameko, umphakathi owakhele iNkandla ukhathazekile ngebhuloho eliwela umfula uThukela uma uya eMsinga, uthi amanzi agcwala aze afinyelele lapho kuhamba khona abantu nezimoto. Lo mphakathi ukhala ngaleli bhuloho nje, kuke kwasabalala izithombe ezinkundleni zokuxhumana lapho bekuvela umfula obudla izindwani, amanzi esondele kakhulu lapho kuhamba khona izimoto nabantu. Okuwukhalisa kakhulu wukuthi leli bhuloho kalinazo izinsimbi zokubambelela. Abakhulume neLANGA bacele iziphathimandla ukuba zingenelele, okungenani liphakanyiswe leli bhuloho besekwenziwa nendawo ephephile yokuhamba abantu.


UMnu Mandlenkosi Ndlovu owayeyingxenye yekomiti elalihamba imihlangano ephathelene nokwakhiwa kwaleli bhuloho ngaphansi kobukhosi baKwaNgono, uthe kwavezwa ukuthi lizoba ngolayini ababili, okusho ukuthi izimoto ziyokwazi ukuphambana kulona. “Sathuka uma sekwakhiwa ibhuloho elihamba imoto eyodwa. Okunye okwasixaka, wubufishane balo ngoba ngokohlelo, kwakumele izinsika zalo zibe zinde ukuze uma umfula ugcwele amanzi angahambi ngaphezulu.

Sawubhalela umnyango sicela ukuba okungenani kufakwe izinsimbi emaceleni ngoba liyingozi uma umuntu ehlangana nemoto ephakathi nalo. Satshelwa ukuthi isikhalo sethu sizodluliselwa kwabaqondene naleli bhuloho kodwa sagcina singatholanga mpendulo.” UMnu Mkhushulwa Msimango weSouth African Weather Service (SAWS), uthe iKwaZulu-Natal ithola izimvula eziningi ehlobo, okusho ukuthi abantu basengazilindela ezinye izimvula. Uthi ngisho ngabe imvula incane kangakanani, inkinga ukuthi izimvula uma zina, umhlabathi umumatha amanzi amaningi, okwenza inkinga ngisho sekufika imvula encane. Uthi nayo encane ingazidala izikhukhula ngoba amanzi asuke engangenanga emhlabathini.


I-IFP ikhiphe isitatimende igxeka uhulumeni ngamabhuloho angaqediwe ukwakhiwa njengoba eNdwedwe abantu abaningi bewela umfula uma beya esibhedlela oSindisweni. Ithe akukhona nje eNdwedwe kuphela lapho kumuke khona umuntu, kodwa nasesifundeni iHarry Gwala kukhona omukile. Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthe uma kuzokwakhiwa ibhuloho, onjiniyela bayaye babheke isimo salowo mfula namanzi ukuthi angagcwala afikephi, okuyikhona okulawula ukuthi ibhuloho lizoba ngakanani. Uthi kodwake ngenxa yoku-shintsha noma ukuguquka kwesimo sezulu, kwezinye izindawo amanzi ayaye agcwale aze adlule ibhuloho.

Previous articleKufezeke eleMbube ngoSimakade
Next articleKuvela ezimnandi ngonozinti weChiefs