uskhosana wamukela ukungenela ese-sascoc

752

MZWAMANDLA ZONDI

U-ALECK Skhosana ukwamukela ngezandla zombili ukuvunyelwa ukuba angenele ukhetho lwe South Africa Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) obekufanele lube mhla ka-28 ku-Ndasa (March). 

Lolu khetho luhlehlisiwe ngenxa yokuhlasela kwe-coronavirus emhlabeni kanti kumanje iNingizimu Afrika inabantu abangaphezulu kuka-5000 abahloliwe kwatholakala ukuthi banalo mkhuhla-ne. 

Ngesikhathi kuqala lo mkhuhlane uMengameli wezwe uCryil Ramaphosa wavala yonke into kuleli okuhlanganisa nokuhlangana kwabantu. 

Ngendlela izinto ebezenzeka ngayo bekungeke kube ukhetho olukhululekile kwazise kunabantu abaningi okusolwa ukuthi bebevinjwa ukuba babambe iqhaza kulo. Phakathi kwabo kukhona uSkhosana ophethe i-Athletics South Africa (ASA), uCecilia Molokwane we-Netball South Africa (NSA), uNta-mbi Ravele ukubala nje abamba-lwa. 

USkhosana udaba lwakhe walufaka kumlawuli ozimele okuthe ngoMsombuluko wavunyelwa uku-ba angenele lolu khetho. USkhosana kuthiwa ubengayithumelanga incwadi ephuma kwi-ASA echaza ukuthi angakwazi ukuba yingxenye yalolu khetho. 

USkhosana ekhuluma neLANGA uthe ujabule kakhulu ngokuvunyelwa ukubamba iqhaza okhethweni lweSascoc. 

“Kwasithusa kakhulu ukuthola ukuthi amaphepha ami awaphelele okuholele ekutheni ngikhishwe ekubambeni iqhaza okhethweni. Ngesikhathi kuhanjiswa izimfanelo kwakukhona yonke into. Yonke imininingwane ebidingakala ithunyelwe isikhulu esiphezulu sethu uRichard Stander. 

“Besifake yonke into. Kusithusile uma sekuthiwa okunye akukho kodwa sibe sakuhambisa konke. “Ngijabule kakhulu ukuthola ithuba lokuba ngikwazi ukubamba iqhaza okhethweni,” kusho uSkhosana. 

Usuku lwalolu khetho kulindeleke ukuba lumenyezelwe uma izwe selibuyele esimweni njengoba ezinye izinto zimisiwe ngenxa yeCoronavirus. Kuthe ngoLwesihlanu uRamaphosa wazixegisa ezinye izinto. 

USkhosana uqokwe i-ASA ukuba angenele ukhetho kanti kuzokhumbuleka ukuthi nango-2012 iSascoc yasolwa ngokuzama ukuvimba owayengumengameli we-ASA, uLeonard Chuene ukuba angenele ukhetho lwale nhlangano. 

Sekungumlando manje ukuthi uChuene wagcina emiswe yiSascoc esolwa ngokuphatha budlabha udaba lobulili bukaCaster Semenya. 

Kwenzeka lokhu nje, uSkhosana ungumengameli obambile weSascoc kulandela ukumiswa kukaBarry Hendricks obesolwa ngokuvimba abathile ukuba bangenele ukhetho. UBarry ongowase-Eastern Cape kuthiwa usekwa yiSafa esanda kuphumela obala ithi akangashushiswa, osekusususe umsindo ngaphakathi kwiSascoc. 

Previous articleusethembe idlozi obeyisilomo se-bucs
Next articleAkubakhathazi ukumataniswa kukakapinga ne-sundowns