Usola osondonzima bosopolitiki ekufeni kuka-AKA

410

MFANAFUTHI NDLOVU noLUCKY CAIN

USOLA ukuthinteka kosopolitiki abasemazingeni aphezulu ngokubulawa kwendodana yakhe uyise kaKiernan “AKA” Forbes, uMnu Tony Forbes, okhala ngokuthi ngemuva kwezinyanga eziwu-9, kabekho asebethweswe amacala ngalesi sigameko.

UForbes ubekhuluma ohlelweni lwezindaba lwe-eNCA, olwethulwa nguShahan Ramkissoon. Uveze ukuthi inhliziyo yakhe isentukuthelo ngokudlula kwendodana yakhe, eyadutshulwa yashona ingaphandle kwendawo yokudlela, iWish emgwaqweni wodumo uFlorida, eThekwini, ngoNhlolanja (February) wanonyaka.

Uthe uma ebheka indlela okwenzeka ngayo izinto, kuyacaca ukuthi abenzi bobubi babazi ukuthi izotheleka ngasikhathi sini eThekwini futhi nesithombemnyakazo (video) esasabalala, siyakhombisa ukuthi kukhona okushaya amanzi.

“Okungithobayo wukuthi amaphoyisa eNIU siyaxoxa ngaso sonke isikhathi nawo, nazo zonke izinhlaka mayelana nabakutholayo okuthinta leli cala. Ngiyazi ukuthi bakhona asebeboshiwe, abanye basazoboshwa kepha ngizolinda lezi zinhlaka zenze uphenyo ngokukhululeka.

“Ngiyazethemba kakhulu lezi zinhlaka ngoba zihlanganisa abantu abazaziyo izinto okumele bazenze ukuthola ingqikithi,” esho.

Uthe uyohlale emkhumbula ngaso sonke isikhathi u-AKA futhi uyomxolisela uma kukhona izinto azenza, ezingehlanga kahle kwabathile. Ebuzwa ukuthi ngabe abangani nabo bonke ababesondelene no-AKA basaxhumana yini nomndeni, uthe ngenhlanhla bonke basaxhumana nabo.

Mayelana noNadia Nakai obeyisinqandamathe sika-AKA ngaphambi kokudlula emhlabeni, uForbes uthe uyohlale eyilungu lomndeni futhi indodana yakhe yayithole umuntu oyithandayo ngempela. 

Yize bekhona asebaboshwa ngokufa kuka-AKA, kodwa kulindeleke zikhalele abanye maduzane ngenxa yokuthi ingalo yomthetho isaqedela ukuqoqa ubufakazi, ngokusho kuForbes. 

UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, phambilini wacashunwa yimithombo yabezindaba eveza ukuthi ukufa kwalesi sihlabani kwakuhlobene nezidakamizwa. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleThola ILANGA Lempelasonto kusasa (18 November 2023)
Next articleLilengela eweni ikusasa likanozinti weChiefs