LUCKY CAIN
UKHOMBA ngenjumbane uHulumeni waKwaZulu-Natal ngokuba yingxenye yezinkinga zemali ezibhekene noMasipala weTheku umholi we-ActionSA kulesi sifundazwe, uMnu Zwakele Mncwango (osesithombeni). UMncwango oyikhansela futhi kulo masipala, usole lo hulumeni emuva kombiko owethulwe ngesikhathi kuhlangene ikomidi lezemali ngoLwesine. Kulo mhlangano kuvele ukuthi uhulumeni wesifundazwe ukweleta umasipala u-R1.6 billion.
Le mali ikweletwa yiminyango eyahlukene yesifundazwe. Ngokuthola kweLANGALempelasonto, umnyango onesikweletu esikhulu ngowemisebenzi yomphakathi, okuwu-R718,523,039. Eminye iminyango ekweletayo ngowezempilo (R67,820,818), owezokuhlaliswa kwabantu (R113,105,254), owezemfundo (izikole eziwu-20) (R170,580,879), owezokuthutha (R1,679,843), owezokuthuthukiswa komphakathi (R4,173,650), iHhovisi likaNdunankulu (R966,553), owezobuciko namasiko (R94,025), owezohulumeni basekhaya nezomdabu (R7,620,621), owezokuthuthukiswa komnotho (R119,366) nowezolimo (R13,977).
Ekhuluma neLANGALempelasonto uMncwango,uthe kuyakhathaza ukuthi uhulumeni ufake lo masipala ngaphansi kwesigaba somthetho 154, ekubeni ezinye zezinkinga ezibhekene nawo zidalwa yiwona. “Ngikhuluma nje, umasipala usanda kweboleka u-R1 billion ebhange. Le mali kuzomele ikhokhwe isihambisana nenzalo. Lokhu kuzolimaza isakhamuzi saseThekwini njengoba kuzosho ukukhushulwa kwemali okumele siyikhokhe ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMncwango.
Uthi ucele iMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, engusihlalo waleli komidi ukuba iqinisekise ukuthi iyaxoxisana nale minyango ngenhloso yokuba ikhokhe le mali.
Okhulumela iMeya yeTheku, uMnu Mluleki Mntungwa, ethintwa ngemizamo kamasipala ukuzama ukuqoqa lezi zikweletu, uthe umasipala kawuzidingidi izindaba zezikweletu zamakhasimende esidlangaleli.