Usole amadimoni noSathane ngokubulala umqashi nozakwabo

246

SKHOSIPHI MTHEMBU

UKHOMBE amadimoni noSathane wathi yibo abamenza wabulala umqashi wakhe nozakwabo uThokozani Mhlongo (osesithombeni) ngesikhathi ezikhalela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Uthe yena wayengaqondile ukukwenza lokhu. UThokozani – olinde isigwebo kule nkantolo – wabulala uNkk Moni Xulu (umqashi) noNkz Zanele Mbuso (uzakwabo). Uthe wazisola ngakusasa ngento ayenzile, kodwa kungasekho ukubuyela emuva. Ucele inkantolo ukuba imzwele ngoba akabalekanga emuva kokwenza icala, kwaze kuba uyaboshwa. Evuma amacala, waveza ukuthi umqashi wambulala ngoba exoxele ozakwabo enkulisa ngezimfihlo zakhe kanti uzakwabo wambulala ngoba embonile ebulala umqashi.

Previous articleKuzobhekana omkhaya baseKZN kwi-quarter final yeCarling
Next articleIjaji liyishaye indiva ekaSathane ligweba owabulala umqashi nozakwabo