Usole idimoni “obulale” umkakhe

292

PHUMLANI GAMA

ULALA obenyoni umhlengikazi ovulele umyeni wakhe icala lenkohlakalo, emsola ngokumenzela isitifiketi sokufa, ekubeni esadla anhlamvana. UNkk Zandile Dube (41) (osesithombeni) ongowokuzalwa oThobothini, eJozini, ubopha umyeni wakhe, uMnu Nhlanhla Dube (40), anomuzi naye eGodlwayo, oPhongolo. UDube nomkakhe baneminyaka ewu-8 beshadile, kodwa kuthiwa sekuphele izinyanga behlala ngokwehlukana. UDube ubesebenza enkampanini yabangcwabi, iTshipi-Noto yaseSprings, eGauteng. 

Kusolwa ukuthi ngoNhlaba (May) kophezulu, wathumela isitifiketi sokufa kwenkosikazi yakhe enkampanini eyayimqashile, yamkhokhela imali yokumkhalisa, yamnika nekhefu lezinsuku zokwenza amalungiselelo okungcwaba. Kuthiwa ithumba libhoboke ngesikhathi uNkk Dube efonela emsebenzini womyeni wakhe, ecela ukuxhunyaniswa naye. 

Ekhuluma neLANGA, uveze ukuthi washaqeka uma efunwa inombolo kamazisi, ekubeni ayefonelele ukucela ukuxhunyaniswa nomyeni wakhe njengoba  kwase kudlule izinsukwana bengaxhumani. “Owesifazane owabamba ucingo lwami wangicela ukuba ngiqinisekise inombolo yami yocingo, ngemuva kwalokhowabe esengitshela ukuthi umyeni wami uthumele umbiko wokuthi ngishonile, wabathumelela nesitifiketi sami sokufa. 

“Kwathi uma ngimbuza (umyeni wami) ngalokhu, wazenza umuntu ongazi lutho. Ngosuku olulandelayo, wathi usola ukuthi kunomuntu omlandelayo, ofuna ukuzenza yena. Emsebenzini wakhe bangitshela ukuthi wabika ngomlomo, wabuye waqinisekisa nangesitifiketi esasiphelezelwa nangesomshado. 

“Ngabika udaba emndenini wami, ngamcela naye ukuba abikele umndeni wakhe, kodwa wakuziba lokho, kunalokho
waya KwaNongoma esangomeni esasizomhlolela ukuthi kwenzekani ngodaba lwethu. Wabuya nemithi ethi kufanele ageze ngayo ukuze ezohlakaza lolu daba ngoba lubeka impilo yakhe engcupheni. Kusukela lapho, waqala ukuba nolaka. Kuze kube yimanje kangikutholi ukuphumula njengoba ngigcine sengiphelezelwa ngamaphoyisa ngiyolanda izimpahla zami emzini wethu. Ngimkhavile yena ezintweni eziningi njengoba naye ubengibhalisile ezintweni zakhe. Ngiyamesaba manje,” esho. 

Ethintwa uDube, uthe lokhu okwenzekayo yidimoni elihlose ukuhlakaza umuzi wakhe. Okuningi ukuvumile ukuthi kwenzeka, kodwa wakuphika ukuthi nguyena owathumela isifiketi enkampanini ayesebenza kuyona. “Le nto yenziwa ngumuntu ongezwani nami ngenhloso yokuhlakaza umshado wethu. Inkampani ithi kunemali eyayifaka kimi, kodwa kangiyazi. Sengibuya ngisho nasebantwini ababonayo, bangitshela ukuthi yisijeziso esiqondene nami sokuthi ngathatha umfazi ngokwenkolo, kanti kufanele kwenzeke ngokwentando yabantu abadala,” kusho uDube. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asoPhongolo aphenya icala lenkohlakalo elivulelwe owesilisa osolwa ngokubika ukufa komkakhe emsebenzini. 

Previous articleInkosi yenze okungajwayelekile abazali “begoloza” ukulekelela ekulungisweni kwesikole
Next articleAbansundu mabayeke ukubanga ithambo elingenanyama, inzondo idla umniniyo