SKHOSIPHI MTHEMBU
UKHOMBE ngenjumbane owayeyikhansela, emsola ngokuthuma izinkabi ezadubula zabulala abesilisa ababili ababehleli emotweni yakhe uMnu Mzwandile Ndlela, owasinda ngeNkosi kulesi sigameko. esenzeka eLindelani, KwaDukuza ngo-2020. UNdlela ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngeledlule, ecaleni lokubulawa kukaMnu Njabulo Cele noMnu Francis Kuhuni.
Ababoshiwe ngala macala nguMnu Sikhumbuzo Nxumalo ongummangalelwa wokuqala, uMnu Mzwandile Radebe ongu-mmangelwa wesibili, uMnu Bhekezakhe Yimba ongummangalelwa wesithathu noMnu Sikhumbuzo Muziwendoda Mathenjwa ongummangalelwa wesine. Kubikwa ukuthi ngesikhathi behlaselwa, uNdlela wayesanda kusongelwa nguMnu Jabulani Sibiya (ongasekho), owayeyikhansela kule ndawo. Kuvela ukuthi isono sakhe kwaba wukubiza abezindaba emuva kokuthola ngenkohlakalo emayelana nokudayiswa kwezindlu zomxhaso kule ndawo.
UNdlela wayezongenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021, ngaphansi kwe-Indipendent Alliance. Ngokwamaphepha asenkantolo, abafi babeqeda ukudlala ibhola, besemotweni kaNdlela, kwaqhamuka abasolwa abangakhulumanga lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.
Ethula ubufakazi bakhe uNdlela, uthe empeleni kwakuqondwe yena ngalolu suku. Uthe ngaphambi kokuba kuhlaselwe abafi, baletha abezindaba endaweni emuva kokuveza le nkohlakalo. Uveze ukuthi emuva kokuba sebeqedile nabezindaba, uNxumalo wabalandela ngemoto. Ngalo lolo suku, uSibiya wamemezela ngombhobho ebiza igama lakhe uNdlela, ethi uma eqhubeka nale nto ayenzayo, kuzochitheka igazi.
UMnu Sandiswa Ngubane owasinda ngokulambisa njengoba naye wayeqeda kuphuma emotweni kubulawa abafi, utshele inkantolo ukuthi wakwazi ukubona uNxumalo noRadebe, ngoba ugesi wawukhanya futhi kunabantu abaziyo endaweni.
Icala lihlehliselwe isonto elizayo lapho kulindeleke ukuba kubizwe abanye ofakazi.
skhom@ilanganews.co.za