Umndeni uthi ubehlale esongelwa ngabathile
NOMFUNDO NGWANE
KWENZEKE njengoba ebesongelwa usomatekisi waseTrustfeed, eMshwathi, odutshulwe wabulawa ngezinhlamvu eziwu-24 ehamba nenyanga ebiyobethela kwakhe ngoLwesihlanu ebusuku njengoba abasocongi bebesonge ngokuthi ngeke awubone umhla lulunye kuNcwaba (August).
UMnu Thulani Gabela (44), udutshulwe ephuma ukuyolanda uMnu Dladla (elingatholakalanga igama lakhe) obeyobethela, behamba ngekhumbi yakhe entsha ceke, nayo ebiyoqiniswa ngaphambi kokuba iqale ukusebenza.
Naye uMnu Dladla wendele kwelamathongo kulesi sigameko. Indodana kaMnu Gabela, uMnu Lwazi Gabela, ikhuluma neLANGA iveze ukuthi uyise ubengunobhala kusoseshini waseMshwathi, ubulawa nje, ubekade esongelwa ngabantu abehlukene abebemfonela bemtshela ukuthi umhla lulunye kuNcwaba ngeke lumfice esadla anhlamvana.
“Kwenzeke njengoba bebemsongela laba abebehlale bemfonela. Ubaba uphume ekhaya sekuntambama eyolanda ubaba uDladla obesuka eGreytown ezobethela ekhaya.
“Bekuyizithuba zabo-8 ebusuku ngesikhathi sizwa ukuqhuma kwesibhamu siphindelela. Kube sekungena umfana wakwamakhelwane ezosibikela ukuthi masiphuthume endaweni yesigameko, ubone sengathi kudutshulwa ikhumbi kababa.
“Ibingakaqedi ngisho inyanga le khumbi eyithengile. Siyasola ukuthi ababulali bebemlandela indlela yonke, baze bathola ithuba lokumdubula esezofika ngasekhaya, kwazise imoto ibisihamba kancane ngenxa yokuthi umgwaqo uyibhuqu.
“Indlela abamdubule ngayo, kuyacaca ukuthi nakanjani bebemfuna efile. ubaba uDladla bamdubule amahlandla amabili, futhi ubesehlile nasemotweni ezama ukubaleka,” kusho uMnu Gabela.
Uchaze uyise njengomuntu obengezwani nezinto ezibhedayo, obehambisa yonke into ngeqiniso emsebenzini wakhe.
Uthi uyise ubehlale esongelwa, esolwa ngokuthi uphazamisa ukusebenza kwabanye abantu njengoba engezwani nento etshekile.
Ngokusho kwakhe ubulawa nje, bewumndeni bese bemi ngomumo belinde ukuthi uma efika nenyanga, uyaqala umsebenzi wokubethela igceke.
ILANGA lithole ukuthi izikhwama zikaMnu Dladla zicoshwe sezisaphazeke phansi nawo wonke amakhathakhatha akhe abewaphethe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala. Uthe bekungakaboshwa muntu. Amaphoyisa asaphenya.