PHUMLANI GAMA
UKHUTHAZA izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokubaluleka kokusebenzisa imali ngokucophelela njengoba sekusondele isikhathi samaholidi, uSolwazi Bonke Dumisa, oyisazi sezomnotho.
Utshele IlangaLempelasonto ukuthi kayikho inkinga ekutheni abantu basebenzise imali yabo noma ngayiphi indlela abafisa ngayo, kodwa kubalulekile ukucabangisisa ngaphambi kokwenza lokho.
“Sekusondele isikhathi lapho abanikazi bezitolo bezomemezela imititilizo yeBlack Friday.
“Ngixwayisa abantu bakithi ukuthi izitolo eziningi zisebenzisa lolu hlelo olubizwa nge-loss leader, lapho uyaye uthole ukuthi kubekwe impahla eyodwa ebiza ngenani eliphansi, kodwa ungekho umehluko kwezinye.
“Konke lokho kudingeka ukuthi abantu bakubheke ngoba izitolo eziningi kazisenayo leya Black Friday ebeyaziwa ngaphambi kokubheduka kweCovid-19,” esho.
Mayelana nalabo abazibekela imali ngokudlala izitokofela, uthe sekuyisikhathi sokuba bafunde ukuthi imali kayisaphathwa ngezandla, kufanele igcinwe emabhange.
phumlani@ilanganews.co.za