Usongela abadlali umlandeli weChiefs

389

SENZO SOKHELA

NGABADLALI beKaizer Chiefs okubhekwe ukuba baphendule amatafula uma sebebhekene nomkhaya 
i-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngeSonto. Ngakwesokudla ngumqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt.

UMLANDELI wokuqina we-Kaizer Chiefs osekuneminyaka ehambela imidlalo yo-mkhaya yale kilabhu uso-ngela abadlali bale kilabhu edo-nsa kanzima kulezi zinsuku. 

IChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngeSonto ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto. 

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba la makilabhu ebheke ukuzifaka emabhukwini omlando. Uzokuba ngowesi-100 lamakilabhu ehlangana emidlalweni yeligi. Cishe womabili afuna ukuzifaka ema-bhukwini omlando oyivela kanca-ne emhlabeni. 

UFreddie ‘’Saddam’’ Maake ongumlandeli wokuqina weChiefs osebukele bukhoma imidlalo yo-mkhaya izikhathi ezingu-170 ku-sukela ngo-1970 usongele kanzima abadlali beChiefs njengoba ethi babazwisa ubuhlungu obungabekezeleki. 

Uthi ngeke ba-kwamukele uku-hlulwa yiPirates izikhathi ezine ku-landelana. 

“Umqe-qeshi aka-nankinga, inkinga yilaba ba-dlali bethu abasebe-nzisa ukuthi ikilabhu ayikwazi ukusayinisa yingakho benza umatha-nda. 

“Ngicela ungithumelele lo myalezo kubona othi siya-phela isigwebo sethu, iya-phela nesizini bazoha-mba ngeke bakholwe. 

“Bazobe sebecula ingoma ethi: “in my time ngake nga-dlalela iChiefs’’. Sivika ubu-hlungu esibuzwiswa yileCorona siphi-nde sivike obalento eyenziwa ngabadlali bethu kithina. 

“Namanje ngisasho izophela isi-zini sizofika nebhasi iRea Vaya eVillage abayogcwala kuyona uma sesibaxosha. Lobu buhlungu abasizwisa bona buyeza nakubona. Kodwa umqeqeshi akayi ndawo asimunike ithuba ngoba akalitho-langa ithuba lokuzisayinisela aba-khe abadlali. 

“Uma ehluleka esethenge aba-dlali sesingamuxosha. Uma sinike uSteve Komphela amasizini amathathu noGavin Hunt asimunike ithuba,’’ kusho uMaake. 

Ephawula ngomdlalo uthi uzwa egazini ukuthi bazowu-nqoba. 

“Ngiyazi ukuthi asinikwa lutho kulo mdlalo kodwa aba-ntu kufanele bakuqonde ukuthi lena yi-derby ifomu ayisho lutho. Sengihambe ama-derby awu-170 ngiyayazi into engikhuluma ngayo ifomu ayisebenzi nhlobo. 

“Abadlali bethu ngeke nje basiphoxe sibe sihlanganisa imidlalo engu-100 yeligi nePirates siyawufuna. Noma kanjani sizophe-ndula amatafula kulo mdlalo,’’ kusho uMaake. 

Imidlalo yeDStv Premiership isiyonke ngempelasonto iqhathwe kanje: 

NGOLWESIHLANU 

• EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Super-Sport United 17h00.

NGOMGQIBELO 

ESugar Ray Xulu Stadium: Golden Arro-ws vs Cape Town City 15h00. 

ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Swallows 15h30. 

EPeter Mokaba Stadium: Baroka vs Bloemfo-ntein Celtic 15h30. 

EMbo-mbela Stadium: TS Galaxy vs Maritzburg United 17h00. 

NGESONTO

EFNB Stadium: Kai-

zer Chiefs vs Orlando Pirates 15h00.  

EJonsson Kings Park Stadium: AmaZulu vs Tshakhuma 15h30. 

ELoftus Vers-feld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Black Leopards 17h00.

Previous articleOwoKhozi utakule umfundi ophase ngamalengiso
Next articleOweBucs ugxeka ibhola leChiefs