“Usongela” izikhohlakali umphathi omusha waseMUT

197

MTHOBISI SITHOLE

UZIMISELE ngokukhuculula inkohlakalo nokubuyisa isithunzi seMangosuthu Univer-sity of Technology umphathi omusha walesi sikhungo, uSolwazi Nokuthula Sibiya, obekwe kulesi sikhundla ngoLwesihlanu. USolwazi  Sibiya – oqokelwe kwesokuba yi-vice chancellor – utshele ILANGA ukuthi ngeke ahudule izinyawo ekuthatheni izinqumo zokukhomba indlela abatholakala emacaleni alimaza isithunzi senyuvesi. 

Usho lokhu ephawula ngemibiko engemihle mayelana nenyuvesi, ethinta inkohlakalo. Ukungaphatheki kahle kwale nyuvesi sekuxoshise abaphathi bayo abaningi, okwenze yafakwa ngaphansi komlawuli kusukela nyakenye kuze kube yimanje. Eminyakeni emine edlule, lesi sikhundla besiphethwe nguDkt Enoch Malaza, omisiwe, wagcina ngokuxoshwa ngezinsolo ezithinta imali yenyuvesi nokuhlonzwa kwamabhilidi ahlala izitshudeni zaseMUT. 

Kwabamba uSolwazi Marcus Ramogale omiswe mhla ka-8 kuNhlaba (May) kulo nyaka, ephenywa. Emuva kwakhe kuqokwe uSolwazi Sibiya njengoba esenikezwe ngokusemthethweni lesi sikhundla azoqala ukusiphatha mhla ka-1 kuNcwaba (August). Ukufakwa kwale nyuvesi ngaphansi komlawuli – okulindeleke ukuba agcine ukusebenza ngoMandulo (September)  – kwenzeke ngaphansi kobuholi bukaSolwazi Ramogale. 

USolwazi Sibiya uthi uzimisele ngokubuyekeza imithetho yenyuvesi neyomnyango wezemfundo ekuphathweni kwalesi sikhungo. “Okubalulekile kimina wukuthi kuqokwe umkhandlu omusha ozosebenza, ngoba ngeke kube yinyuvesi ehlelekile uma zingakalungiswa lezi zinkinga. Umsebenzi ongihlalele mkhulu kakhulu, kufanele ngibuyise isithunzi senyuvesi ngokuthumela umyalezo wokukhomba indlela abantu abagangayo. Kuningi obekubikwa ngale nyuvesi okungahambi kahle okufanele ngikulungise,” kusho uSolwazi Sibiya. Uthi nokuqokwa kwezisebenzi ngokugcwele ezikhundleni ezithile, kufanele kwenzeke njengoba bebaningi abantu abangamabamba. Umkhonyovu ngeke ngiwumele. Le nyuvesi ngifuna iqhudelane namanye asezingeni lomhlaba. Uma ngingaqinisi isandla ezisebenzini nasezitshudenini, kuzolimala isikhungo,” esho

USolwazi Sibiya ungowokuqala wesifazane oqokelwe kulesi sikhundla eMangosuthu eminyakeni ewu-45 yabakhona. Udabuka kwaJ, eMlazi. Wafunda eTholisu Primary, wadlulela eSawela Secondary, eVelabahleke High naseVukuzakhe High. 

Wenza iziqu zobuhlengikazi e-University of Zululand, KwaDlangezwa, eMpangeni, wadlulela eDurban University of Technology (DUT) wenza iMasters nePHD kwezobuhlengikazi. Ngo-2003 waqashwa wafundisa eDUT kuwona lo mkhakha, waqokelwa ukuphatha umnyango wobuhle-ngikazi eDUT, wadlulela kwesokuba yi-dean kwiFaculty of Health eDUT.

 Usebenze eDUT iminyaka ewu-20, okuthe  ngoMandulo (September) ka-2022, waqashwa eMUT kwesokuba yi-deputy vice chancellor kwi-research.

mthobisis@ilanganews.co.za  

Previous articleOwayengumabhalane KwaMuhle uveza usizi olwaluthwelwe ngabamnyama kulesi sikhungo
Next articleENingizimu Afrika siyizithuphethu egameni lobuntu