Usungule i-app esiza ababheka umsebenzi

393

Insizwa esencane yaseMlazi ithi okuningi kwenziwa mahhala kumazulayithole wayo

PHUMLANI GAMA

INEPHUPHO lokusungula abanye omazulazayithole (apps) insizwa yaseThekwini, esungule i-app ngenhloso yokusiza intsha efuna imisebenzi. UMnu Mzamo Mbhele wakwaJ, eMlazi, uthi usungule lolu hlelo lukamakhalekhukhwini olubizwa ngeJob X, ngemuva kokuba naye ehlangabezane nenkinga yokungawutholi umsebenzi ngaphambi kokuba athole isikhala sokufunda eMangosuthu University of Technology (MUT), khona eMlazi, lapho enza khona unyaka wesithathu kwi-IT Software Development. Engxoxweni ekhethekile neLANGA, uMbhhele uveze ukuthi zenziwa mahhala izinto eziningi kulo mazulazayithole wakhe.


Uthi kule app kuvumeleke abantu abadinga imisebenzi kuphela, ngoba uzama ukugwema ukwanda kwezigameko zokuluthwa nokuhlukunyezwa kwabantu abasuke befuna imisebenzi. Uthi abadinga izisebenzi kudingeka babhalele yena ngqo. Bonke abangena kule app, uMbhele uthi uyakwazi ukubahlola abone neziqu zabo. Uthe kule app, akekho umuntu okwazi ukubona imininingwane yomuntu ngaphandle kwemvume yakhe. “Ngiyisungulele abantu abaphakathi kweminyaka ewu-18 kuya kwewu- 35, abangasebenzi. “Ungena ku- Playstore usebenzisa umakhalekhukhwini wakho, emuva kwalokho ubhale igama layo (Job X).


“Konke ukwenza mahhala. Esigabeni sokuqala, ukwazi ukubona uhlu lwezikhangiso zemisebenzi eseduze nawe. Okulandela lapho kudinga i data, kodwa uyakwazi ukwedlula lapho usebenzise isigaba sokubhalisa imininingwane yakho njengalapho uma usendaweni okwenziwa kuyona ama-CV. “Uyakwazi ukufaka amaphepha akho ngaphandle kokukhokhiswa i-data. “Njengoba kungena abantu abafuna imisebenzi kuphela, ngizama ukugwema ukwanda kwezigameko zokuthunjwa kwabantu, ikakhulukazi amantombazane ngoba asuke eholelwe oPhathe ngegama lomsebenzi,” kusho yena.

Uthi uyathokoza ngokuthi baningi abantu abayisebenzisayo le app futhi baningi ababuyela kuyena bembonga kanti babodwa abamthinta eceleni becela usizo namacebo okuzilungiselela uma bebizelwe inhlolokhono. “Ngikhuluma nje, bangaphezulu kuka-45 000 abantu abayisebenzisayo le nkundla. “Akukho engibafuna khona ngoba ngiyalwazi usizi lokufunwa imali ekubeni ungenayo futhi ufuna umsebenzi. Mina ngijatshuliswa wukuthi abantu bayasizakala. “Nakulesi sigaba esidinga i-data, abantu bayangena ngoba kuyenzeka babe ngaphezulu kuka-500 abantu abangena ngosuku.”


Uphinde waveza ukuthi ikhona inkundla ayi-sungelela ukusiza abafundi bakamatikuletsheni ngezifundo abazenzayo, kodwa amanye amakilasi ayakhokhelwa. “Selokhu kuqalwe ukukhulunywa ngayo le app, ngabuyelwa yithemba ukuthi ivikelekile ngoba kule minyaka emibili ngiyisungulile, benginovalo lokuthi kusengavela izinkampani ezinkulu ziyintshontshe (ngoba kayibhalisiwe ngokusemthethweni) maqede umsebenzi wami ufane neze. “Nginephupho lokuba ikhule isabalalele nakwamanye amazwe njengoba bekhona abaseZimbabwe nabaseNigeria abayifunayo.


“Kangikholwa wukuthi kufanele ngiyidedele kalula ezandleni zabanye abantu, ngikholwa wukuthi lena yinto yami okufanele ngisize ngayo abantu. “Maqondana neJob X, ngiyalucela uxhaso lokuba ikhuliswe. Umuntu angaphonsa ngokunikela ngemali ngekhompyutha ukuze kuzoba lula ukwenza umsebenzi womphakathi.” Uthi akukho lapho esebenza khona, uziphilisa ngokuthengisa amakhekhe eMangosuthu. “Ngenza imali eningi ngokuthengisa amakhekhe. “Ibhizinisi lami lishayeke kakhulu ngokuvaleka kwezitimela ngoba bengikwazi ukuthengisa izinto eziningi ezithandwa yintsha esebenzisa izitimela.“Isifiso sami esikhulu wukuba kusizakale umphakathi ngokuthi kuqashwe intsha,” kusho yena. UMbhele uzalwe wakhulela khona eMlazi. Uqale imfundo yamabanga aphansi eSavela Primary School waphothula umatikuletsheni eMenzi High School.

Previous articleUPitso ubhala uyacisha ngoLorch
Next articleUcela usizo uninakhulu wengane ekhubazekile