Usuqashe umahlalehlabana wommeli umndeni wenkosi ebulewe kolokudedelwa kwabasolwa

298

PHUMLANI GAMA

UMNDENI wasebukhosi bakwaKhumalo KwaQomintaba, eMadlangeni, e-Utrecht, usuluphonse kummeli udaba lokudedelwa kwabasolwa abathathu abebeyanyaniswa nokuzama ukubulala iNkosi Sphamandla Khumalo (41), egcine ibulelwe ngeledlule. Inkosi ubulawe nondlunkulu wayo, uThuthukile Khumalo belibangise esizweni sakwaMolefe, eNquthu. Umndeni usucele u-Adv Thembeka Ngcukaitobi wodumo abhalele uhulumeni ukuze ukhiphe impendulo eqondile ngesinqumo sokudedelwa kwabasolwa. 

Inkosi ibulawa nje, bekungekhona okokuqala ihlaselwa, njengoba ike yadutshulwa ngoLwezi (November) nyakenye. Ngemuva kwaleso sigameko, kwaboshwa laba basolwa abathathu. 

Ngomhla ka-16 kuMfumfu (October) kophezulu, iNkantolo yaseNewcastle ibadedele ngoba kuthiwa ubufakazi kabuhlangani. 

 Ekhuluma egameni lomndeni wasendlunkulu uMnu Bongani Khumalo, ongumfowabo kamufi, uthe umndeni uthathe lesi sinqumo ngoba uzibophezele ekutheni uzobhekana nazo zonke izindleko zezomthetho. 

UNkk Bongi Sithole-Moloi ongungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu KwaZulu-Natal, uthe kubuhlungu futhi akwemukeleki ukuhamba kwamakhosi asemancane. 

UMntwana uVanana Zulu ethula inkulumo egameni leNdlunkulu kaZulu, uthe iSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini sikhathazekile ngokwephuka kwesihlangu saso. 

Previous articleKuphele amahlathi bebanjwa ehlathini behlinza izinkomo zokwebiwa
Next articleKufanele kushwelezwe uma intombazane ikhiphe isisu