USuthu lubambane neziNyoni

288

UBenni uxolise kubalandeli ngebhola elibhedayo lezakhe

SENZO SOKHELA

U-AUGUSTINE Mulenga woSuthu ebanga ibhola noLebogang Mokoena weSwallows koweligi ophele ngo-0-0 izolo ngeSonto eDobsonville Stadium, 
eSoweto.
 ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

BACAZELANE amaphuzu abangani bokuqina amakilabhu abo adlala kwiDStv Premiership edlala ngokulingana. AmaZulu ashayane aze abukana ne-Swallows kuba ngu-0-0 koweligi izolo ngeSonto ntambama eDobsonville Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu kwazise abaqeqeshi bala makilabhu uBrandon Truter weSwallows noBenni McCarthy woSuthu bangabangani bokuqina njengoba bobabili bedabuka eKapa.

Ngaphandle kokuthi badabuka ndawonye bebebuye badlale ibhola ndawonye ngamaSonto njengoba sebekhulile. Nokho la makilabhu awadlalanga ibhola elihle, umdlalo ubulalisa nonozinti bawo bezipholele njengoba bekungenaminyakazo eyethusayo. 

UMcCarthy uxolisile kubalandeli ngombozo webhola elidlalwe ngezakhe.

“Emdlalweni onjengalona uthatha okutholayo. Lona ngumdlalo obhedayo osuke wadlalwa yiqembu lami selokhu ngithathe lo msebenzi.

Siboza sinjalo kodwa siwakhile amathuba abengenza siwunqobe lo mdlalo.

Ngithanda ukuxolisa kubalandeli abebebuka lo mdlalo ngiyazi ukuthi ubungekho ezingeni abebelilindele kodwa ngiyathembisa ukuthi sizoba ngcono ngokuzayo,” kusho uMcCarthy.

UTruter uthi nakuba ezakhe zingadlalanga kahle kodwa ujabule ngephuzu.

“Ukucazelana amaphuzu kwala makilabhu yiwona mphumela obuwufanele lo mdlalo awuzange ufike ezingeni ebelilindelekile.

AmaZulu ayiqembu elihle futhi elinzima ngijabule ngephuzu esilitholile angikhali kangako,” kusho uTruter.

Kuzokuthi ngoLwesithathu ngo-15h00 AmaZulu atholane phezulu neKaizer Chiefs koweDStv Premiership eFNB Stadium kuthi iMamelodi Sundowns ivovane inkani neBaroka FC ngo-17h00 eLoftus Stadium, ePitoli. 

Previous articleKuhlomule izimbangi abantu bebaleka kwiWhatsApp
Next articleUgence umkakhe ‘nesoka’