Luzodlulela naseNdlunkulu kaZulu bese luyodlala eyeChampions League
THANDEKA NGOBESE
ASHIYE umnikelo ka-R25 000 eNkosini yamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe AmaZulu FC izolo ngeSonto ngesikhathi eyocela izibusiso zokunqoba iCaf Champions League, okuwumqhudelwano le kilabhu eqala ngqa ukudlala kuwona selokhu yasungulwa ngo-1932. USuthu luzogijima umdlalo walo wokuqala wamaqoqo neRaja Casablanca yaseMorocco ngoMgqibelo ekuhambeni. Umengameli walo, uMnu Sandile Zungu, utshele ILANGA ukuthi kabakugqizi qakala ukuthi uNyazi luchithwe yizinkantolo ekuqhubekeni nokuhola leli bandla.
Uthe abanendaba nakho wukuthi abalandeli abaningi boSuthu bakhonza ngaphansi kobuholi boNyazi. “Ukuya kwethu oNyazini kakungoba sicheme nohlangothi oluthile, kodwa yingoba yilapho kugcwele khona abalandeli bethu. Njengoba nathi singamaZulu nje, sazi kahle ukuthi awuyi eNkosini uvathazela nje, ulengise izandla. “Yingakhoke sihlele isipho sejezi lamaZulu FC elibhalwe uNyazilwezulu nelinye elibhalwe ukuthi uNyazi 1. Esinye isipho kube wu-R25 000. Senze ngamabomu ukuthi kube yimali, kungabi yizinkomo ngoba siyazi ukuthi abaningi abafika khona, bahambisa izinkomo zoboya.
“Uma sisuka lapha oNyazini, sizoya eNdlunkulu kaZulu. Sizozihambela zonke izigodlo (zeMbube esanda kukhothama uZwelithini kaBhekuzulu) ngaphambi kokuyoqala le midlalo yesigaba samaqoqo seCaf. “Endlunkulu sizobe sesiyofuna isibusiso sokugcina kokhokho. Phela iNkosi uSolomon yiyona eyaba yingxenye enkulu yokusungulwa kwamaZulu FC, njengoba ezokube eqeda iminyaka ewu-90 ngoMfumfu (October) wanonyaka. “Sifuna ukuthi sihlanganise iminyaka ewu-100 ngo-2032, sibe sesinazo izinkomishi esesizifake ekhaya,” kusho uMnu Zungu. Okhulumela amaNazaretha aseBuhleni, uMnu Lizwi Ncwane, utshele LANGA ukuthi sekucacile ukuthi uNyazi lukhonjwe nguNkulunkulu ukuhlala kulesi sihlalo olulwiswa ngaso. “Laba bantu abalokhu bezokotha inkosi, basuke bengabizwe muntu, bayazifikela.
UNyazi kasilumakethi futhi noma sebefike kulona, kabatholi zijumbana zokudla, kodwa olusuke luzokusho ngomlomo yikhona okuphilisa abantu. “Sikujabulele ukufika kwamaZulu FC enkosini. Siyambonga kakhulu uMnu Zungu ngokuba yingxenye yoSuthu ngoba ngaphambi kokuba aluthathe, belungenzi kahle, saze sakhothama iSilo uZwelithini kaBhekuzulu sikhala. “Kuthe uma seluthathwa nguManzini, salubona lwenza kahle kakhulu. Njengoba sebelufake eNkosini uNyazi nje, kakungatshazwa ukuthi luzoqhubeka lwenze kahle. Siyibandla siyafisa ubudle lwano ababuqalayo bungagcini namuhla, kodwa buqhubekele phambili,” kusho uMnu Ncwane.