USUTHU LUDLULELE KWI-LAST 16 YE-NEDBANK

262
ABADLALI boSuthu bejabulela elinye lamagoli koweNedbank Cup neTornado FC izolo ngeSonto eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
ISITHOMBE: TWITTER @AMAZULUFOOTBALL

MFANAFUTHI NDLOVU
UBHODLELE kubaphathi bomdlalo umqeqeshi wamaZulu FC beguqisa iTornado FC ngo-3-2 koweNedbank Cup Last-32 izolo ngeSonto, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Amagoli oSuthu kulo mdlalo abhakuziswe nguMbongeni “Shoes” Gumede ngomzuzu ka-8, elesibili leza noGabadinho Mhango ngoka-25 ngaphambi kokuba uBonginkosi Ntuli avalele elesithathu ngoka-63. Ne-Tornado FC iwatholile awokuvela enkundleni amagoli, wona ashaywe nguKenneth Dupane noMario Katz. URomain “Fohloza” Folz, opheka uSuthu, ukhale ngezinqumo ebezithathwa unondweba obephethe lo mdlalo.


Nakuba uFolz ebekhala kepha uveze ukuthi isikhalo sakhe akasiqondisile konondweba kepha uyacela ukuthi ilungiswe indaba yamaphutha enzeka enkundleni. Nokho uthe ngokomdlalo bebewuphathe kahle waze wayophela. “Kumqoka ukuthi amaphutha enzeka emdlalweni agwenye ngoba agcina ngokubulala ibhola. “ Siwakhile amathuba okushaya amagoli kepha sehluleka thina ukuwaqedela, engikholw wukuthi yisifo okumele abadlali bethu basilungise uma sesibuyela midlalweni yeligi,” kusho uFolz. U-Ambrose Swartbooi, ocija iTornado FC, uzwakalise ukujabula ngendlela abadlali bakhe abakhombise ngayo izwe ukuthi bayalazi ibhola. Uthe bebazi ukuthi uSuthu yiziphi izindawo olunekhonco libuthaka kuzona esiswini. Uthe bakwenzile ukuvala intuba ezinhlangothini zombili. Uthi ukube bawasebenzise ngendlela amathuba abawatholile ngabe kukhulunywa okunye.

  • KUSASA ngoLwesibili
    iPolokwane City izokwamukela iChippa United emdlalweni
    wokugcina weLast 32 yeNedbank Cup ngo-19h30 e-Old Peter Mokaba Stadium.
  • Imiphumela yemidlalo
    ebisiphelile ngesikhathi sokuloba imi kanjena: AmaZulu 3, Tornado 2; Mkhambathi 0, Casric 4; TS Galaxy 2, Amavarara 0; All Stars 0; Pirates 2; Black Cross 1, Venda 2; Home Defenders 3, Clarewood JPM 0; Arrows 2, Callies 1; Stellenbosch 3, Swallows 0; Maritzburg 0, Chiefs 2; Cape Town Spurs 3, Baroka FC 0; Sekhukhune 6, Liver Brothers 0; SuperSport 1, Dondol Stars 2; Marumo Gallants 3, Magesi 1; Sundowns 3, Richards Bay 2.
Previous articleEyokubulawa kuka-AKA ivuse ulaka ngobugebengu
Next articleAMAPHINIFO ESIMANJE UNGAWAGQOKA NOMA IKEPHI