UBenni uthi bawubheke ngabomvu umdlalo nePirates
SENZO SOKHELA
EZIBUHLUNGU ekhempini yamaZulu FC kulimala umdlali ongumgogodla wale kilabhu ngaphambi komdlalo omqoka. USuthu luzobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership namuhla ngoLwesine ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto. USuthu luya kulo mdlalo nje, luhambela phezulu njengoba selubuyelwe yifomu. Lusanda kugila izimanga luqhutha izimpiko iMamelodi Sundowns luyihlula ngo-1-0 koweligi ngoMsombuluko ntambama eKings Park Stadium, eThekwini.
USuthu luphule irekhodi leDowns njengoba ibingakaze yehlulwe selokhu kuqale isizini. Nokho ezingase zingehli kahle oSuthwini ngezokuthi luya kulo mdlalo nje, uVeli Mothwa ongunozinti udonsa kanzima ngenxa yokulimala. UBenni McCarthy ongumqeqeshi woSuthu, uthe: “UVeli ulimale sidlala neChippa United koweligi. “Ulinyazwe nguBienvenu Eva Nga weChippa iqakala. “Iqakala lakhe livele lavuvukala, kumanje asazi ukuthi uzoze abuye nini. “Uma kuziwa ngakumaZulu, onondweba abasivikeli abanandaba nokusivikela,’’ kusho uMcCarthy.
Uthi balindele umdlalo onzima kwiBucs. “IPirates igcwele ukuzethemba njengoba isanda kuwina emuva kokuba ibingenzi kahle. Silindele ukuthi isinike umdlalo omnandi. Kodwa ke nathi sizethembile ngoba abadlali bethu bakhombisa ukuzinikela manje,’’ kusho uMcCarthy.