USUTHU LUHLONIPHE ISILO NGEJEZI ELISHA

997

MFANAFUTHI NDLOVU

ABAGADLI abasha bamaZulu FC uLehlohonolo Majoro oshaya ibuya kule ki-labhu no-Andre de Jong waseNew Zealand bekhangisa ngejezi elisha loSuthu. ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

KUHLONISHWE iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngejezi elisha lamaZulu FC emcimbini obuyizolo ngoLwesithathu kusihlwa esitolo sakwaSpar esise-Phoenix.
Leli jezi elisha ceke loSuthu, linesithombe sebhubesi esichazwa yile kilabhu njengophawu lokuhlonipha iNgonyama. Yize iSilo besingekho njengoba sise-London, e-England, kodwa aba-Ntwana baseNdlunkulu bakwazile ukuwuhambela lo mcimbi obuhlelwe wuSuthu, abakwa-Umbro nabakwaSpar okungabaxhasi abakhulu bale kilabhu. Abakwa-Umbro belule isivumelwano sokusebenzisana noSuthu ngeminyaka emibili.
Phambilini ithimba loSuthu lihambe layokotha iSilo liyocela izibusiso njengoba kuzoqala isizini entsha ye-Absa Premiership.
UNdlovukazi Thandi MaNdlovu Zulu obemele iNdlukulu kulo mcimbi, ubonge kakhulu uSuthu ngokuhlonipha iSilo ngalolu hlobo. Ugcizelele ukubonga abaphathi boSuthu ngokubona isidingo sokusondela koNgangezwe Lakhe. Uthe iSilo sizoyihambela eminye imidlalo yasekhaya yale kilabhu.
ULunga Sokhela oyisikhulu soSuthu, uthe ukuhlonipha iSilo ngaleli jezi, kungenye yezinhlelo zokuvuselela ukuzigqaja kumaZulu ngobuzwe bawo.
Uthi ulindele ukuthi abantu balithenge leli jezi bese bevukelwa wusinga, bangquzuke ngobuningi ukuhambela imidlalo yasekhaya yoSuthu.
ULehlohonolo Majoro ongumgadli okhuza ibuya oSuthwini, uthi ukuhlonishwa kweSilo ngejezi lekilabhu kuzobakhuthaza kakhulu nabo enkundleni. Uthi uzimisele ngokusebenza ngokuzikhandla ukubonga le kilabhu ngokumethemba.

  • Kusenjalo, abalandeli bamaZulu FC baKwaNongoma namaphethelo baziswa ngebhasi eli-bheke kwiKZN Premier’s Cup lapho uSuthu luzovula noThongathi FC ngoMgqibelo ngo-11 ekuseni ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
    Lizosuka KwaNongoma lidlulele eMelmoth kanti ngemininingwane kuthintwa uZungu kwethi: 082 607 1171 noLuyanda Mbuyazi kwethi: 079 558 8405.
Previous articleKuheleze umoya wobumbano kwiMpucuzeko
Next articleUsephila ngamaphilisi ontshontshelwe usana