USuthu lumenywe ukuyogezwa eNdlunkulu

839

NoQalinge ubeyingxenye yethimba ebeliyogcina lolu siko

SENZO SOKHELA

ABADLALI bamaZulu FC ngesikhathi betheleka esigodlweni KwaKhethomthandayo, KwaNongoma, njengoba bebenzelwe usiko lokubageza kwazise kusanda kukhothama iSilo samaZulu, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu otshalwe emasontweni amabili edlule. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UMENGAMELI wamaZulu FC uSandile “The Zunguness” Zungu ukholwa wukuthi kuzoyivulela izinhlanhla ukubizwa kwale kilabhu ukuyogezwa esigodlweni seSilo KwaKhethomthandayo, KwaNongoma.

USuthu luchithe impelasonto KwaKhethomthandayo lapho belumenywe khona yiNdlunkulu kaZulu ukuba luzogezwa njengoba kusanda kukhothama iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Kuvela ukuthi kulo mcimbi uSuthu lufike lwashiya izipho okubalwa kuzona namajezi ale kilabhu alinganiselwa ku-150.

UZungu ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto emini yantambama, uthe ukholwa wukuthi ukugezwa kwekilabhu yiNdlunkulu kuzoyivulela izinhlanhla ezinkulu.

“Lo mcimbi ebesikuwona besimenywe yiNdlunkulu ngenhloso yokuba kuzogezwa ikilabhu. Sicelwe yiyona iNdlunkulu ukuba izogezwa ikilabhu ngoba iSilo sasho ukuthi le kilabhu iyinhliziyo yaso. Sifike sashiya izipho namajezi ayela ku-150 ekilabhu. Siyakholelwa emasikweni yingakho kufanele ngaso sonke isikhathi sikuqinisekise ukuthi siyawagcina.

“Lokhu kugezwa okwenziwe ekilabhini sikholwa wukuthi kuzovula izinhlanhla kufezeke zonke izifiso esizidingayo siyikilabhu. 

Inhloso yethu ngekilabhu wukuthi idlondlobale ibuyele kulolu dumo ebeyaziwa ngalo,” kusho uZungu.

USuthu seluye izikhathi ezine eNdlunkulu selokhu kukhothane iMbube. Luye luyolila, lwaya itshalwa, lwaya enkonzweni njengoba selubizwa ukuyogezwa.

“Bekufanele siye ngoba kuyisiko lethu ukuyohlonipha nokukhalisa eNdlunkulu uma kuvele isifo. Kodwa-ke kakuphelile, izinto zesiko kufanele zihlale zilungiswa. Kakufanele uma izinto zingasahambi kahle ekilabhini kube khona esibakhombayo. Sizoqhubeka nje nokulungisa yize okunye ngingeke ngikwazi ukukudalula,” kusho uZungu.

* Kuzo ezoSuthu, ILANGA lithole ukuthi uThabo Qalinge useyingxenye yale kilabhu ngokugcwele njengoba kuthiwa uBenni McCarthy ongumqeqeshi uchazekile ngaye, wabe eseyalela abaphathi ukuba bamsayinise. Kuthiwa ubeyingxenye yethimba loSuthu ebeliyogezwa endlunkulu.

Previous articleSizozilelwa izinyanga ezintathu iSilo
Next articleKusolwa amambawu “kofake itekisi emfuleni”