USuthu luphuce iChiefs iqatha

1034

Luhlabane ngobedlala e-Europe, kanti noJustin Shonga ujima nalo

UTERCIOUS Malepe obehola iqembu lesizwe lika-Under23 kuma-Olympics eJapan kubikwa ukuthi usejoyine AmaZulu FC. 

MFANAFUTHI NDLOVU

K

UVELA ukuthi AmaZulu FC aphuce iqatha emlonyeni iKaizer Chiefs ehlabana ngoTercious Malepe (24) obegaqelwe yiziMpofana.

ILANGA lithole ngomthombo walo oncikene kakhulu noSuthu ukuthi uMalepe ungomunye wa-badlali abasha abazothulwa yile kilabhu esigcawini nabezindaba esihlelelwe ukuba namuhla ngo-Lwesine emini eThekwini. 

Lesi sitobha besiyingxenye ye-qembu lakuleli lika-U/23 ebelimele izwe kuma-Olympic Games abe-ngo-2016 eRio, eBrazil. UMalepe unanesipiliyoni sokugijima phesheya kwezilwandle njengoba ephuma kwiMynai FC yase-Ukraine.

Abanye abadlali okulindeleke ukuba bethulwe noMalepe ngu-Philani Zulu oyisitobha osuka kwiChiefs ethathe uSibusiso Mabiliso oSuthwini, uKeagan Buchanan noMxolisi Kunene abaphuma kwiMaritzburg United. 

Omunye umdlali ojima noSuthu nguJustin Shonga waseZambia obekwiCape Town City ayijoyine emuva kokuchithwa yi-Orlando Pirates. 

Uma egcine ngokwethulwa no-Shonga, uzohlangana nomkhaya wakhe u-Augustin Mulenga abebe-yibambe naye kwiBucs.

Laba badlali kulindeleke ukuba baqinise isikwati soSuthu njengoba lulungiselela ukumela iNingi-zimu Afrika kwiCaf Champions League.

Omunye umdlali phambilini obekuvele ukuthi uxoxa noSuthu, nguWillard “Salt & Vinegar” Katsande ogcine esayiniswe yi-Sekhukhune United inkontileka yonyaka emuva kokuba imnike imali elingana nabeyithola kwi-Chiefs okuvele ukuthi beyifuna ukumnika isikhundla sokuba ngusomaqhinga kodwa wasenqaba ngoba esazimisele ngokudlala ibhola.

USuthu kulindeleke ukuba luphinde lwethule ijezi elisha namuhla kanjalo nabaxhasi abasha. ILANGA lithole ukuthi aba-xhasi boSuthu bazokuba wu-11 sebebonke uma sekwethulwe nabasha.

Leli phephandaba lithinta uPhumlani Dube wezokuxhumana oSuthwini ngalolu daba, uqinise-kise indaba yesigcawu sanamuhla kodwa wala waphetha ukuqinise-kisa indaba yabadlali ezeseka ngokuthi ngeke sisaba khona isidingo sokumemezela uma konke seku-semphakathini. 

Uthe leli phephandaba kumele lihambele lo mcimbi ukuzozico-shela okuzokwenzeka. Uqinisekise nokuthi kuzoklonyeliswa nabadlali ngokwenza kahle ngesizini edlule.

Previous articleIChiefs iguqise i-pirates kowendebe
Next articleUthishanhloko usolwa ngokuphatha budlabha imali