USuthu luqinisa amabhawodi axegayo

1397
Luvumelekile nokuthenga uSikhakhane kwiBucs
PHILANI NCALANE

ASAQHUBEKA nokuqinisa amabha-wodi axegayo AmaZulu FC asephu-mele obala ngokuthi azimisele ngo-kunqoba inkomishi eyodwa kwezi-dlalelwa kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini ezokwethwasa.
Le kilabhu iphinde yaboleka uThembela Sikhakhane obesanda kwelula inkontileka yakhe kwi-Orlando Pirates. USuthu nangesizini edlule belumbolekile lo mdlali kwiBucs.
ULunga Sokhela oyiMenenja-jikelele oSuthwini, uthe banombandela wokuthi ba-ngamthenga lo mdlali kwiBucs.

THEMBELA Sikhakhane ophinde wabolekiswa yi-Orlando Pirates kumaZulu FC. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX


Uthi bagculisekile ngesikwati abanaso njengamanje.
“Sizama ukusayinisa umdlali oyedwa nje manje. Sifuna lo mfana ohehe iso lezinhloli zethu emidlalweni yokuhlunga yeSafa ABC Motsepe League ebiseCape Town. Silwa ngayo yonke indlela ukuze simsayinise. Ngemuva kokuthola yena, ngizolivala ibhuku lokusayinisa.
“Ikilabhu izobamba ikhempu eGoli nge-nyanga ezayo ukulungiselela ukuqala kwesizini. Nakulo nyaka sikhona kwiKZN Pre-mier Cup ezokuba ngempelasonto yokugcina enyangeni ezayo,” kusho uLunga oyindodana kaPatrick Sokhela onguSihlalo wale kilabhu ebalwa nahamba phambili ngokuphathwa ngendlela ehlelekile kwiPSL.

Previous articleUzokhipha incwadi egeqa amagula ngoyise
Next articleUphumela obala umdlali oyamaniswa neChiefs