USuthu luxoshe owodumo

1376

UVukusic udinga umgadli ozolekelela uBongi Ntuli

MFANAFUTHI NDLOVU

KUPHELILE ngoTshepo Gumede namaZulu FC amemezele ukuthi akekho ezinhlelweni zawo. Lapha wathathwa bebhekene
neHighlands Park.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

KUPHELE umsebenzi ku-Tshepo Gumede wama-Zulu FC adlale ngokulingana neMaritzburg
United kuba ngu-0-0 kowe-Absa Pre-miership izolo ngeSonto ntambama eKing Zwelithini
Stadium, eMlazi.
UJosef Vukusic ongumqeqeshi woSuthu, utshele abezindaba ukuthi uGumede akekho ezinhlelweni zakhe. Lo mqeqeshi uthe naye lo mdlali useyakwazi lokhu.
Lokhu kuchaza ukuthi kuphelile obekuhlanganise lo mdlali nale kilabhu edonsa ngodizili kwiPremiership njengoba ibalwa nasengozini yezembe.
UGumede uke wagijima kwi-Cape Town City ngemuva kokuphelelwa yindawo kwi-Orlando
Pirates yona ebimthenge kwiPlatinum Stars ngaphambi kokuba igencwe yizembe.
Izinto zalo mdlali ziqale ukonakala esejoyine iPirates kwazise esekwiPlatinum ubebizwa
ngisho naseqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana.
UVukusic upinde wadalula ukuthi uzoshaya indesheni kubaphathi bekilabhu ukumsayinisela
umgadli ongalibheki impala ozolekelela uBongi Ntuli phambili.
Uthi uNtuli uzithola etholoza yew ezitobheni zezitha ngenxa yokushoda komgadli ozomsiza.
Okudidayo ngale nkulumo kaVukusic wukuthi uSuthu lulande uLehlohonolo “Major”
Majoro obegijima kwiBidvest Wits ngasekuqaleni kwesizini.
UMajoro akakaze ayibhakuzise inethi selokhu kuqale isizini. USuthu luzovala unyaka ka-2019 ngemidlalo enzima yasekuhambeni. Luzovakashela iBlack Leopards ngoMgqibelo
ozayo emdlalweni ozogijinyelwa eThohoyandou Stadium ngo-15h30 bese lusonga unyaka
ngokubhekana neBloemfontein Celtic ngeSonto mhla ka-22 kwephezulu ngo-15h30 eBloemfontein. ICeltic iguqise iPolokwane City ngo-1-0 ekuhambeni ekubeni iLeopards ihlule iLamontville Golden Arrows ngo-2-1 eLimpopo ngempelasonto.
U-Eric Tinkler ocija iTeam of Choice, uqhakambise ukujabulela ukubuya kukaBongokuhle
Hlongwane.
Uthi uhlalele ethembeni lokuthi lo mdlali uzokuba wolukhulu usizo ngisho sebebhekene
neMamelodi Sundowns kowamanqamu weTelkom Knockout ozokuba ngoMgqibelo womhla ka-14 kwephezulu ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UTinkler uthe weneme ngephuzu, kodwa ukholwa wukuthi bebengawathola amaphuzu
aphelele kulo mdlalo. Nokho-ke uqhakambise ukuqina kodonga lwakhe njengoba ethi nakuba ebeluthwalisa kanzima uNtuli kodwa ugcine ehlulekile ukushaya igoli.
Uthi womabili la makilabhu aqale lo mdlalo ehleli emuva, ethumela amabhola amade.
ITeam of Choice izobhekana nePolokwane City ngeSonto ngo-15h30 bese idlala owamanqamu weTelkom. Izovala unyaka ngokududulana neKaizer Chiefs ngeSonto lomhla ka-22 kwephezulu eMgungundlovu.
Lo mdlalo kuzokuba ngowamagqubu njengoba iTeam of Choice kuyiyona ewashise iChiefs ijezi kwi-semi final yeTelkom ngeledlule eMpumalanga.
Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiership imi kanje:
AmaZulu 0, Maritzburg 0;
Chippa 0, Baroka FC 0;
SuperSport 1, Stellenbosch 1;
Cape Town City FC 0, Highlands 0; Leopards 2, Arrows 1;
Polokwane 0, Celtic 1.
mfanafuthin@ilanganews.co.za

Previous articleKusuke umsindo ngemoto kangqongqoshe
Next articleAbalandeli bancengela uLebese kwiChiefs