Lwagcina ukujabula luwashisa AmaKhosi ijezi eThekwini
MFANAFUTHI NDLOVU
UMQEQESHI wamaZulu FC unogqozi lokuthi nakanjani bazovuka ngeKaizer Chiefs abazobhekana nayo koweDStv Premiership kusasa ngoLwesihlanu ngo-19h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. USuthu selugijme imidlalo emine lunganqobi njengoba ngoLwezi (November) lwahlulwa yi-Orlando Pirates ngo-1-0 kowamanqamu weMTN8, lwaguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo-3-0 kwisemi final yeCarling Black Label Cup, lwacazelana amaphuzu neSekhukhune United kuba ngu-0-0 koweligi wokusonga unyaka odlule, lwavula lo nyaka ngokutalajwa yiRoyal AM ngo-2-0 ngeledlule kowomkhaya.
Yile miphumela eyenze uRomain “Fohloza” Folz ocija uSuthu watshela abezindaba izolo ekuseni ukuthi unethemba lokuthi bazokwazi ukujika izinto ngeChiefs ukukhombisa ukuthi kabayikhiphanga ngenhlanhla kuma-semi final eMTN8. Uthe bawadinga ngendlela engachazeki amaphuzu alo mdlalo, kungakhathalekile ukuthi uzokube unzima kangakanani. Uthi kumele abadlali balwele ukunqoba, kumnyama kubomvu, futhi badlale ngokwemiyalelo yakhe. “Kumele siqikelele ukuthi siwasebenzisa ngendlela amathuba esiwakhayo, singawamoshi njengasemdlalweni odlule. “Ngeneme ngezitobha zami. Okumqoka manje wukulwa nokulola kahle imiqondo yabadlali, bakwazi ukukhohlwa ngosekwenzekile, babheke phambili,” esho.
Uthi okuhle wukuthi bazokuya kulo mdlalo sekubuye abadlali abebelimele okubalwa kubona uGeorge Maluleka (34) no-Abbubaker Mobara (28). “Omunye umdlali osekusele kancane ukuba kulunge ngaye nguGuily Manziba waseZambia esimthole kwiSuperSport United. “Sekubambe amaphepha akhe okusebenza kuleli,” esho. Nokho umlando phakathi koSuthu neziMpofana kawuwavuni AmaZulu FC kwazise emidlalweni ewu-31 lusanqobe emithathu, Amakhosi aphumelela kwewu-17, badlala ngokulingana kwewu-11.
- Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership engempelasonto ihlelwe kanje:-
KUSASA NGOLWESIHLANU EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu FC vs Kaizer Chiefs 19h30.