Uthi uzonandisa emini kuphela nasemicimbini kahulumeni
SANDILE MAKHOBA
GEKE alubhade ezindaweni zobumnandi okujuxuzwa kuzona u-G65, ozakhele udumo ngokukhipha ingoma yenjabulo esemdala esihloko sithi “Obani lababantu”.
U-Olpha Sepele (65) waseNewcastle uthi ukucula kwakhe ngeke kumsuse endaweni yakhe yokuba ngumama.
“Kumele ngibambe isithunzi sami sokuba ngumama ohlonishwayo ngamagalelo akhe. Ukungena kwami ezindaweni zokujuxuza kuzokwenza abantu babone sengathi ngilahlekelwe wumqondo,” esho.
Uthi imicimbi azocula kuyona yileyo ezokwenzeka emini nekahulumeni kuphela.
“Laba bemijuxuzo abenza ibhizinisi mabakhohlwe nje yimina, noma ngabe kubekwe imali engakanani ngeke ungibone lapho. Ngizogcina ukusebenza ngo-3 ntambama. Uma umcimbi wakho ungiphoqa ukuba ngicule ngale kwaleso sikhathi, kuyomele ngingabizwa nje kuwona,” esho.
UG65 uthi ukucula yinto yakhe akhule nayo eyenza esontweni nasesikoleni.
Echaza ng-kukhipha kwakhe ingoma, uthi kwafika umcabango wokuthi enze into ezonyakazisa iNingizimu Afrika.
“Kuthe sekwenzeka ngoLwesihlanu olwedlule ngashaywa wuvalo kodwa ngaphinde ngajabula ukuthi le nto engangiyicabanga isiyenzeka,” esho.
Uveze ukuthi sashuba isimo phakathi kwakhe nezingane zakhe ngesikhathi ezibikela ngokuthi usefuna ukucula Amapiyano.
“Zakukhahlela ngazo zombili kwaze kwaba kubi nje impela, ngithe sengiyoyenza ingoma ngazifihlela izingane zami ngoba bezizonginqabela,” esho.
Uthi abantu abamesekayo yizingane zikadadewabo, okuyizona ezakhuluma nezakhe ukuthi kumele asekwe esifisweni sakhe. Njengamanje uthi izingane zakhe yizona esezimxoxela indlela aphumelele ngayo emculweni.
“NgoMgqibelo nje bebengifonela, bengitshela ukuthi ngingunombolo-1 ekudayiseni kwa-Itunes,” esho.
Njengamanje uthi wonke umuntu ujabulile kwakhe ngempumelelo yakhe. Uthi ukukhipha kwakhe ingoma kakuzange kube lula njengoba abanikazi bezinkampani ezikhiqiza umculo nabadidiyeli bebengamphenduli nokumphendula, uthi waze wangena ku-google ebheka umuntu ongamsiza.
“Ngaze ngathola uSphiwe Khanyile weHarambe Records, okunguyena owangemukela ngezandla ezifudumele,” esho.
Uthi ngesikhathi efika e-studio uSphiwe wayehlezi nabangani bakhe abamhleka uma esho uhlobo lomculo afisa ukuluqopha. Ngemuva kwesikhashana uthi babona ukuthi uyayazi into ayenzayo.
Njengamanje u-G65 usethathe umhlalaphansi ekubeni nguthisha kanti wenza izifundo zakhe zePhd e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). Uthi nazo akazenzeli ukusebenza kodwa ufuna ukufeza iphupho lakhe. Phambilini uke wafundisa e-England iminyaka eyisihlanu.
“Ngabuyiswa kuleli wukudlula emhlabeni kwengane yami yokugcina kwasala ezintathu,” esho. Uthi ababili sebeshadile, usehlala noyedwa. Umyeni wakhe wamshiya emhlabeni ngo-1990. Ukhala ngengcindezi yabantu abamvimbayo selokhu kuphume le ngoma befuna ukushutha naye.
“Kangisakwazi nokuya ezitolo ngoba abanye bafuna ngishuthe nabo kanti abanye bafuna ngicule, bengingazi mina ukuthi yonke le nto izongiholela lana,” esho.
Yize kunjalo uthi uyabahlonipha labo abafuna ukushutha naye kodwa akayingeni eyalaba abamculisayo. Uthi uthanda abantu bazi ukuthi akasiyena umama osanganayo, konke akwenzayo kwakuyiphupho lakhe, ukwenza ngoba ethanda. Ingoma yakhe iyaphuma namhlanje ngoMsombuluko kuzona zonke izindawo ezidayisa umculo.