UTHANDISWA USALAMBELE ININGIZIMU AFRIKA YESETHEMBISO

1087
ISILOMO uThandiswa Mazwai sizotheleka eThekwini ngomhla ka-26 kuNdasa (March) eThe Playhouse.

THANDI ZONDI
ISILOMO somculi uThandiswa Mazwai, sithi sisalambele iNingizimu Afrika enokuthula nobuntu lapho amacebo nolwazi lwase-Afrika kuzochuma khona. Uthi ukhule ngesikhathi sobandlululo lapho bekunesithembiso sezwe elikhululekile. Kodwa esikutholayo yiphupho elingafezekanga, sithola ukuthi kwayona leyo nkululeko kayinakuthula. “Ngisalambele le Azania, ngifisa ukuthi singakhohlwa
yizimfundiso zakudala ezinjengobuntu,” esho. UThandiswa uzoba nomcimbi eThe Playhouse, eThekwini, ngomhla ka-26 kuNdasa (March) nonyaka, awethe ngokuthi, A letter To Azania.


Uthembisa abalandeli into yamehlo kulo mcimbi, njengoba ethi abantu bakuleli kabajwayele ukubona amaciko abo egiya ngokuthanda esiteji. “Amafestivali nezindawo zokwenzela imicimbi kazijwayele ukuba nebhajethi yokukhokhela izinga lomcimbi engisuke ngifuna ukuliletha. Ngakhoke uma nginemicimbi yangaphakathi ngisebenzisa iKing Tha Productions, siyakwazi ukuthi silethele izethameli lokhu okungaphezu kwezisuke zikubona kuma festival asezingeni lomhlaba,” esho. Lo mculi waziwa kakhulu ngezingoma zakhe ezinohlonze esingabala kuzo iZabalaza, iNizalwa Ngobani, Ingoma, iJikijela nezinye. Uqale emculweni neqembu iBongo Muffin ngo-1995 elagcina lihlomule ngezindondo eziwu-6.


Ngemuva kwalokho uqale ukucula yedwa, wahlabana ngenqwaba yezindondo esingabala kuzo iKora Award kwiBest African Female, wahlomula ngezine kumaSAMA nezinye. Elandisa ILANGA ngeminyaka ewu-26 aseyichithe endimeni yezomculo, uthi: “Iminyaka ewu-26 edlule kayisoze yakhohlakala. Esengikulangazelele wukubona ukuthi lesi sipho sami somculo sizongithatha singibeke kuphi,” esho. UThandiswa usesebenze nabaculi abanohlonze okubalwa kubo uSalif Keita, uHugh Masekela, uBusi Mhlongo, uStevie Wonder, uCesaria Evora, uPaul Simon nabanye.


Ebuzwa ukuthi yini emgqugquzelayo njengoba esehlale isikhathi eside futhi engaconsi phansi kubalandeli, uthe: “Okungigqugquzelayo wukuthi impilo isenzima, okusho ukuthi kusamele ngibhale umculo ozokwelapha izilonda zabantu.” Njengamanje uthi umatasa upheka i-albhamu entsha futhi ezinye zezingoma uzobe ezicula bukhoma eThe Playhouse. Amathikithi aqala ku-R275 kuya ku-R550 ewebtickets nasePick n Pay.
tzondi@ilanganews.co.za

Previous articleUMKHANKASO OMKHULU WOKUPHELA KONYAKA
Next articleIncazelo yoweBafana ngonozinti weChiefs