UTHEMBISA UKUKHUPHULA IZINGA KWIGCWALISA ELANDELAYO

422

UKHUZANI Mpungose evala umcimbi wakhe, iGcwalisa Spring Picnic

MTHOBISI SITHOLE
UTHEMBISE ukwenyusa izinga kakhulu kunakuqala uma ebuyisa umcimbi wakhe, iGcwalisa All White Spring Picnic, umculi kamasikandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose. Lo mculi utshele izindimbane zabathandi bomculo ebezibuthelene eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku kule ngqophamlando yomcimbi ukuthi ngenxa yothando nokwesekwa kwawo ngabantu, babone kubalulekile ukuwubuyisa. “Uthando olukhonjiswe ngabantu nokuphuma kwabo ngothi lwabo, kuyasibonisa ukuthi bayawuthanda lo mcimbi. Sizozama ngokusemandleni ukuthi ngonyaka ozayo ubuye ukuze abantu bajabule.


“Ngaphandle kwabaxhasi bethu, ngabe kasikwazanga ukwenza umcimbi waba muhle, silibonga kakhulu iqhaza labo,” kusho yena. Uncome ukugqoka kahle kwabantu kulo mcimbi njengoba ingqikithi yosuku bekuwukugqoka umbala omhlophe. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, osuke emdlalweni wamanqamu weMTN8, phakathi kwamaZulu FC ne-Orlando Pirates waya kulo mcimbi, uthe bayazibophezela beyisifundazwe ukweseka umcimbi ohlanganisa abantu ukuze bajabule. Uncome ithimba labahleli ngombono walo. “Siyajabula kakhulu ukubona umcimbi omuhle kangaka esifundazweni sethu. Siyathembisa ukuthi sizoweseka ngoba abantu bathokozile kakhulu,” kusho yena.


Lo mcimbi uqale sekugamenxe ihora lesi-12 waphela sekugamenxe elokuqala ekuseni. Bekuheleza umoya wenjabulo kwizihambeli zomcimbi, ezinye zihleli ezihlalweni zazo zobumnandi (camp chair). Nangesikhathi sekuphela umcimbi abantu baphume sengathi baphuma enkonzweni. Inkundla beyigcwele ikhuze phezulu. Abaculi abebelindelwe okubalwa kubona uCassper Nyovest, u-AKA, uNomfundo Moh, uSjava, uBig Zulu, uJumbo, uDumi Mkokstad, uNtencane, uDumakahle, uNjoko, uJaivazi-mnike, iNkosi Yamagcokama, uGatsheni, uMdumazi noMroza bafikile bonke. UNtencane uklonyeliswe phambi kwezinkumbi ngokuthi umculo wakhe usulalelwe ngabantu abawu-4 million online.

Previous articleUbavale imilomo umqeqeshi weBucs
Next articleUMSAKAZI NOMKHANKASO WOKUSIZA ABANAMABELE AMAKHULU