Uthi kufezeke iphupho owine imoto kwiLANGA

945

LUCKY CAIN


KUFEZEKE isifiso sakhe sokuba nemoto umfundi weLANGA othuke wahluleka ngisho nawukujabula emuva kokuwina imoto yakwaHaval, entsha ceke, emncintiswaneni waleli phephandaba emcimbini obuseBerea Centre, eThekwini ngoLwesine. UMnu Thembitshe Ernest Ndlazi waseMargate, obengomunye wabafundi baleli phephandaba abawu-5 abese besele kulo mncintiswano, uqale wahluleka wukuvula imoto ngokhiye “wenhlanhla” abenikiwe.


Bebenikwe ithuba lokuthi bakhethe okhiye abawu-5 obekukhona owodwa okwazi ukuvula kubona. Bonke labo khiye bebefana futhi befakwe emabhokisini. UMnu Ndlazi uze wakwazi ukuyivula imoto esezama okwesibili. Ngesikhathi ivuleka, umane waqhaqhazela, washaqeka, wangazi nokuthi kumele enzeni. Ubengakwazi ngisho nokukhuluma kahle ngesikhathi echaza indlela ajabule ngayo, kuzwakala ukuthi usathukile ngokumehlele.


Utshele ILANGA ukuthi bese kungokwesine engenela umncintiswano empilweni yakhe kanti imoto yinto osekunesikhathi eyifuna, kodwa engakwazi ukuyithenga ngenxa yokungabi nawo amandla. Uthe uzizwa ejabulile kakhulu kanti ukunqoba kwakhe sekufana okuthi usethole isipho sikaKhisimusi. “Ukuba nemoto kuzokwenza izinto eziningi zibe lula empilweni yami njengoba nginezingane futhi ngisebenza emitholampilo yaseMargate,” kusho yena.


Ubonge iphephandaba ILANGA nabakwaBoxer ngalo mncintiswano, wathi usazoqhubeka nokungenela imincintiswano. Uthe ungenele ngemingenelo eyisithupha njengoba ehlomule ngalolu nyanyavu lwemoto. Abafundi abawu-4 abebencintisana noMnu Ndlazi, okungu Nkk Annatoria Fikile Ngcobo, waseMlazi, uMnu Siphamandla Chamane waseMgungundlovu, uNkk Bridget Zandile Ngcobo waKwaNdengezi noMnu Mzungisi Madi waseNquthu kabagodukanga belambatha, bathole amavawusha akwaBoxer okuthenga igilosa ka-R5 000.


Abafundi abawu-5 bahlungwa ngeledlule phambi kukaNkk Sholeen Seebran wenkampani yabacwaningi abazimele i-R I Kennedy and Associates. UMhleli weLANGA, uMnu Philani Mgwaba, ubongele uMnu Ndlazi ngokuwina kwakhe lolu nyanyavu waphinde wabongela nalabo abesesele nabo kowamanqamu. Ubanxuse ukuba baqhubeke nokuba ngabafundi baleli phephandaba futhi uma benemibono bangananazi ukuthinta izintatheli noma abahleli bezindaba ngabangakuthandi nalokhu abakufisa ukukubona kulona.

Lo mncintiswano weLANGA obungenelwe ngabantu abangaphezulu kuka-30 000 ubalwa neminye emikhulu leli phephandaba eselike laba nayo kusukela lasungulwa nguDkt Langalibalele

Previous articleKunconywe iqhaza likaMnu De Klerk
Next articleZishe zangqongqa izelamani zidlala emotweni kayise