PHUMLANI GAMA
KUGOBHOZA igazi ehostela iGlebelands, eMlazi, eThekwini, kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abantu abawu-8 besendlini eyodwa kuBlock 57, entathakusa ngoMgqibelo. Owesilisa osinde ngokulambisa (esiligodlile igama lakhe ukumvikela), uthi kungene umbulali wayalela owesifazane obengaphakathi ukuba aphumele ngaphandle, kwase kungena ababulali ababili, bonke badubula bebhekise ezisulwini. “Ngisindiswe wukungena ngaphansi kwetafula ebelisendlini. Besizihlalele nje, kuphuzwa sizidlalela nomculo. Besiwukhiyile umnyango. Umuntu ophumayo ubeqala ngokungqongqoza uma efuna ukungena, okuyinto efike yenziwa ngababulali. “Ngibuzwile ubuhlungu ngibona
kubulawa abantu phambi kwami.
Kuningi ebesixoxa ngakho, kodwa besilokhu sikhulume njalo ngesigameko esenzeke ngeledlule kuyona le block, sokudutshulwa kubulawe
uMnu Mxolisi Ncama nentombi yakhe, uNkz Mandisa Ngcobo abangcwatshwe (izolo) ngeSonto. “Abanye bethu besilungiselela ukuthi ngoMgqibelo sizoya eMthwalume enkonzweni yomlindelo kaMxolisi. Namanje ngethukile ngengikubone kwenzeka, ngiyaludinga usizo lokwelulekwa ngokomqondo,” kusho isisulu esisindile. Kwababulawe ngoMgqibelo uMnu Phakamani Lukhozi (35), uMnu Mxolisi Mthethwa, uMnu Nkululeko Lukhozi, uMnu Mpilo Khumalo, uMnu Lungani Ncayiyana (33), uMnu Nhlakanipho Majozi noMnu Comfort Mthethwa. Imibiko engakaqinisekiswa iveza ukuthi esinye sezisulu esingumholi kule-block, sishonele endleleni siphuthunyiswa esibhedlela. Kubikwa ukuthi ababulali kabathathanga lutho.
Bonke abafi badabuka eHarding. Ngeledlule uNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Bheki Cele ukhiphe izibalo ngezigameko zobugebengu. Ilokishi uMlazi kuvele ukuthi lihamba phambili ngezigameko zokudutshulwa kubulawe abantu. Sekuyisikhathi eside iGlebelands ivela njengesizinda sokubulawa kwabantu, ngenxa yezimpi zemibango zangaphakathi nangaphandle. Kalukho uhlobo lomholi nohlaka olungazamanga ukuthola isixazululo. Phakathi kwabo ngu-Adv Thuli Madonsela, owayengumvikeli womphakathi, naye owake wahambela kule ndawo. Ngasekupheleni konyaka odlule, iNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu igwebe abesilisa okukhona kubona namaphoyisa, nababeyizisebenzi zikahulumeni, okwavela ukuthi babesekhaleni lokubulawa kwabantu kuleli hostela.
ILANGA lifike kuleli hostela umphakathi usendaweni yesigameko. Abanye abakhulume naleli phephandaba, bathe akusaphephile ukuhlala
kule ndawo. Bathi njalo ngezimpelasonto kudutshulwa abantu. Kusolwa ukungabikho kwamaphoyisa azulazulayo endaweni. UNkz Zuziwe Mnguni oyilungu lomphakathi, uthe sibi kakhulu isimo abaphila ngaphansi kwaso. “Sekuyisikhathi eside siphila ezimeni ezibucayi kuleli hostela. Siyanxusa ukuthi uhulumeni ulubheke udaba lwezokuphepha ngoba bayaphela abantu kule ndawo. “Inkinga iqale ngokususwa kwenkampani yonogada ebihlala yehla yenyuka ngaphakathi,” esho. ILANGA likhulume nowesifazane ongunina wengane yomunye wabafi, oveze ukuthi uyise wengane yakhe ubephume endlini engumuntu ozobuya, kanti ngeke esabuya.
“Ngikuzwile ukuqhuma kwesibhamu kodwa ngaba nakho ukuzitshela ukuthi kukhona abantu abadutshulwayo ngoba vele sekuyinto ejwayelekile ezindlini esihlala kuzona,” esho. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe kunxuswa ongaba nolwazi ukuba axhumane namaphoyisa. Uthe isibalo senyukele kubantu abawu-8 kulandela isigameko sokuthi oyedwa wezisulu, ephume ngefasitela esitezi sesibili, waziphonsa phansi walimala, waphuthunyiswa esibhedlela kwabe sekumenela. “Uphiko lwamaphoyisa ezingeni lesifundazwe luphenya amacala okufa kwabantu awu-8. Kutholakale ukuthi bebewu-12 abantu ngaphakathi endlini, okuhlanganisa nomnikazi wendlu, oziphonse ngaphandle, okuthe kamuva washonela esibhedlela,” kuphetha uNaicker.