Uthi usethukwe kwanele u-Ayanda

1782

Uvumile ukuthi kuyiqiniso  okubhalwe encwadini yamafa kaSfiso Ncwane

NOMFUNDO NGWANE noSANDILE MAKHOBA

Ngu-ayanda Ncwane

SEBENGITHUKE kwanela, basho konke abakuthandayo ngendaba yokushona komyeni wami, akukho engizokuphawula ngala mahemuhemu amasha asevelile. Konke abakushoyo, abameli bami bayakwazi, bayalusebenza lolu daba.”

Uphendule kanje u-Ayanda Ncwane, oyinkosikazi kaSfiso Ncwane owayeyintandokazi kubathandi bomculo we-gospel ILANGA limthinta ngodaba olusematheni kulezi zinsuku lwezinsolo zokuthi wakokotela incwadi yefa lomyeni wakhe, owashona ngoZibandlela (December) 2016 emuva kokunge-niswa esibhedlela exinwe yisifo sezinso.

Lezi zinsolo ezisabalele kuvela ukuthi zenziwa ngenye yezingane zikaNcwane esingaphezu kweminyaka ewu-18 ubudala nonina wenye yezingane zalo mculi. Engxoxweni ekhethekile ILANGA elibenayo no-Ayanda, uveze ukuthi useluzwile lolu daba futhi lusezandleni zabameli bakhe. 

“Bangiqala ngesikhathi kuzwakala izindaba zokuthi uNcwane useshonile, kwathiwa ngimbulele. Bangisola nangokuthi ngifihle imiphumela yokuhlonzwa kwesidumbu,” kusho u-Ayanda. 

ILANGA likhulume naye emuva kokusabalala kwezindaba zokuthi sekuvele le ncwadi yefa okusolwa ukuthi uyibhale yena u-Ayanda emuva kokushona komyeni wakhe ngoba efuna ukuthatha wonke amafa, izingane zomyeni wakhe azithola ngaphandle komshado zasala zincela izithupha njengoba zingabhaliwe kuyona. 

Kule ncwadi kuvela ukuthi umuntu ozohlomula emafeni kaNcwane, yi-nkosikazi yakhe kuphela, ngisho izingane zasemshadweni kazibhaliwe.

Ummeli kaNcwane, uDkt Mkhuseli Vimba, ukuqinisekisile ukuthi incwadi yefa likaNcwane yafikela ezandleni zakhe ngaphambi kokuba lo mculi ashone. 

“Incwadi yefa uNcwane wayenza ngaphambi kwezinyanga ezingaphansi kweziwu-5 ngaphambi kokuba ashone. Wafika kimina ehamba nabanye abafana, inkosikazi yakhe yayingekho. 

“Kuyiqiniso ukuthi umuntu obhalwe kule ncwadi ukuba anga-mele amafa akhe, yinkosikazi yakhe. Kule ncwadi ubhale inkosikazi kuphela, akazibhalanga izingane zakhe, ngisho nalezi azithola emshadweni kazikho, kodwa ngiyakuqonda ukuthi kungani enze kanjalo. Wangichazela ukuthi inkosikazi yakhe yiyona engamele konke okwenzekayo emzini wakhe. 

“Wangitshela nokuthi ngisho ingane le ayodla enkantolo, imali ifakwa yiyona inkosikazi yakhe, yingakho aqoma ukuthi zonke izinto zakhe zinganyelwe yiyona,” kusho uDkt Vimba. 

Uthi kuyamangalisa ukuthi kungani sekuvela lezi zindaba manje ngoba ngisho esaphila uNcwane, ubengazondli izingane zakhe zangaphandle, bekuba nguyena u-Ayanda okhipha imali azinike. Uchithe nezindaba ezithi kunengane uNcwane ayeyifundisa enyuvesi kodwa esibhuquza ekhaya. 

“Ngesikhathi uNcwane edlula emhlabeni, udokotela waveza ukuthi ubulawe yisifo sezinso, kodwa u-Ayanda ngenxa yokuthi wayengakholwa, wacela udokotela ozimele ozoqinisekisa ukuthi umyeni wakhe ubulawe yizinso ngempela yini, njengoba nakhona wayesesolwa ngokushona kwakhe,” kusho uDkt Vimba.

ILANGA lishayele omunye womama bezingane zikaNcwane esiligodlile igama lakhe limbuza ngalolu daba, wathi: “Kade ngaziqhelelanisa nendaba kaSfiso, ingane yami ngiyazondlela. Akukho okungihlanganisa noSfiso.”

nomfundo@ilanganews.co.za

makhoba@ilanganews.co.za

Previous articleKuboshwe obehlele eyabebemashela umalugaju
Next articleIsitobha seChiefs siyamaniswa ne-Europe