Uthi uthwale kanzima ukulingisa ekaMandoza

301
UWISEMAN Mncube (ongezansi) uthi ukudlala indawo kaMduduzi “Mandoza” Shabalala (ongenhla) kube umthwalo omkhulu emahlombe akhe.

NONHLAKANIPHO SHINGA
UMLINGISI ongaconsi phansi waseThekwini, uWiseman Mncube uthi kakubanga lula ukudlala indawo yomculi obalwa nabanye ekuhlahleni idlela emkhakheni we-kwaito, uMduduzi Shabalala owayaziwa ngelikaMandoza. Le nsizwa ibhale lokhu ekhasini layo ku-Instagram, lapho ithe ukudlala indawo kaMandoza bekuyisinda kakhulu, kodwa izamile ukwenza konke okusemandleni ayo ukuthi kuphume umsebenzi omuhle. UWiseman okumanje udlala indawo yeNkosi yakwaNdwandwe emdlalweni othathe abaningi Ushaka Ilembe, uzobonakala kulo mdlalo ozotshengiswa kwi- BET Africa (Dstv channel 129), ngomhla ka 16 kuNcwaba (August).

Lo mdlalo ubizwa nge-Nkalakatha-The Life of Mandoza. “Kungithobisile ukunikwa ithuba lokudlala indawo yalo mculi futhi nginethemba ukuthi nabalandeli bakhe kabazukuphoxeka ngomsebenzi engiwenzile. Kungijabulisile ukunikwa ithuba elinjengaleli,” kusho uMncube. UMandoza ungomunye wabaculi abaziwa ngokubamba iqhaza elikhulu ekusabalaliseni i-kwaito, njengoba ebephinde anandise ngisho nasemazweni aphesheya kwezilwandle. UMandoza ongowokuzalwa eZola, eSoweto, ubengakufihli ukuziqhenya kwakhe ngokuphuma kuleli lokishi. Udlule emhlabeni ngo-2016, ngemuva kokuhlaselwa wumdlavuza. Intokazi enguLorraine Moropa izodlala indawo yenkosikazi kaMandoza, uMpho. Abanye abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uLillian Dube, uDawn Thandeka King, umculi uMzambiya, uKhotso Phosa, uLindo Sithole, uPhineas Bullets no-Fanele Zulu.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za

Previous articleUkhala ngenyanga’emdayisele isigubhusika-R150 000 esingasebenzi’
Next articleKwethulwem iziqu ezintsha zobudokotela