Uthishanhloko ulahlwe yicala lokunukubeza umfana (16)

312

Kuvele ukuthi wayegila ephindelela isisulu kusukela ngo-2019

UMduduzi Ndlovu (38)

PHUMLANI GAMA
KUHLWE emini elahlwa yicala lokunukubeza ngokocansi ephindelela umfana (16) kuthishanhloko wesikhungo esicija amakhono eVryheid ngoLwesithathu. UMduduzi Ndlovu (38) (osesithombeni) ulahlwe yicala eNkantolo yeMantshi yaseVryheid, kulandela ukuboshwa kwakhe ngoNhlangulana (June) nyakenye. Kuvele ukuthi waqala ukugila isisulu ngonyaka ka-2019. Kubikwa ukuthi lo mkhuba ubebuye awugilele endlini yakhe engaphakathi esikhungweni, iSizuzulu Skills Development Centre. Kulindelwe ukuba uNdlovu aqhubeke nokuhlala esitokisini kuze kufike usuku lokuphuma kwesigwebo sakhe. Bekufanele agwetshwe ngosuku alahlwe ngalo yicala, inkantolo yanquma ukusihoxisa isinqumo ngemuva kokuba ummeli wakhe efake isicelo sokuba inkantolo imzwele uma isimgweba, ngoba ungumuntu onabantu okusafanele abanakekele futhi abakhulise.


Njengenjwayelo amalungu omphakathi abekhona enkantolo, kanjalo nezinhlangano ezehlukahlukene, ukuyokweseka umndeni wesisulu. Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Ziphozonke Zwane, oyilungu lomphakathi, uthe bagculisekile ngomsebenzi owenziwe yinkantolo. Ubonge amalungu omphakathi ngokubambisana nokuphuma ngezinkani uma kuzongena leli cala kule nkantolo. “Ukuphuma ngobuningi kwamalungu omphakathi kube nomthelela omuhle kakhulu kulolu daba ngoba kwasekuqaleni, inkantolo yabheka ukuthi umphakathi uzomudla luhlaza uNdlovu uma kwenzekile wadedelwa. “Namanje akukuningi esikudingayo mayelana nalolu daba ngaphandle kokuthi anikwe isigwebo sokudilikelwa yijele ukuze buzovaleka ubugebengu obufana nalobu.


“UNdlovu akayena umuntu wokuhlaliswa emphakathini ngoba ubulala ikusasa lezingane. “Ukusebenza komthetho ngalolu hlobo sikholwa wukuthi kuzoletha isibindi nakwabanye abafanyana okunezinsolo zokuthi wabagila ngokulala nabo. “Lo muntu akalungile, ufanelwe wukunikwa isigwebo esizoletha isifundo nakwabanye abantu abagila imikhuba efana nalona awenzile. “Ngaso sonke isikhathi sihlala ngokukhuthaza abantu ukuba bangabe besakubalekela ukuyofakaza ezinkantolo uma sebedingeka njengoba bekwenzeka kuleli cala, bonke ofakazi balo bebefika ngezikhathi abasuke benikwe zona. “Sibonga ukubambisana okuhle okube khona phakathi kwamalungu omphakathi nezinhlangano zomphakathi okubalwa kuzona nezombusazwe, ezishiye phansi ukungaboni ngaso linye kwazo, kwabanjiswana ngenhloso yokweseka umndeni wesisulu,” kusho uMnu Zwane. phumlani@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

Previous article‘Kube buhlungu kimiukuphela kweMbewu’
Next articleIsaqaqamba inhliziyo kanozinti wePirates