Uthobekile olingisa ekaShaka eseyiklume

361

Uthi ucathuliswa ngabalingisi abamnkantshubomvu

NGUNTANDO Zondi waKwaMashu

LUCKY CAIN
UTHI kumehlise itwetwe ukucathuliswa ngabalingisi asebemnkantshubomvu emdlalweni uShaka Ilembe uNtando Zondi, olingisa indawo kaShaka esemncane kulo mdlalo oqale ukukhonjiswa ngeSonto kuMzansi Magic. UNtando, odabuka KwaMashu, uthi wayethukile ngenkathi ezoqala ukuqopha lo mdlalo, kodwa konke lokho kwashintsha uma ozakwabo bememukela ngemfudumalo. “Ngeke ngiqambe amanga, nganginakho ukwesaba, kodwa indlela abangemukela ngayo yenza izinto zaba lula, netwetwe lehla,” esho. UNtando uthi kumkhulisile ukulingisa le ndawo, wafunda nokuningi. Uthi unethemba lokuthi ukuba yingxenye yawo kuzomvulela eminye iminyango kulo mkhakha njengoba ezimisele ukuhamba ibanga elide kuwona.


Uthi nakuba ezimisele ngokukhula kulo mkhakha kodwa isifiso sakhe wukwenza izifundo zobuchwepheshe. “Isikhathi esiphila kusona sidinga ulwazi ngezobuchwepheshe kanti nami ngiyazifela ngezifundo ezihambisana nabo,” kusho lo mlingisi owenza u-grade 8. Uthi ziningi iziyalo asezitholile njengoba esengusaziwayo. “Okumqoka wukuthi ngizithobe, ngingavumeli udumo ukuba lungene ekhanda, futhi ngihloniphe wonke umuntu.” Phakathi kozakwabo kulo mdlalo, ubonga ikakhulukazi uNomzamo Mbatha, athi uyamcathulisa futhi umnika iziyalo ngalo mkhakha. UNomzamo ulingisa indawo yendlovukazi uNandi, ongunina weLembe. Uthe uzizwa ethobekile ngokuthola leli thuba ngoba uShaka kwakungeyena umuntu ojwayelekile, uyiqhawe elihlonishwayo ngamagalelo alo.


Lo mdlalo uqophe umlando ngeledlule ngenkathi kukhonjiswa isiqephu sokuqala njengoba sibukelwe yisibalo sabantu esiphezulu kunazo zonke izinhlelo esezikhe zakhonjiswa kwiDStv. Ngokusho kwesitatimende seMultichoice, lo mdlalo uphinde waba ngundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana, kwakhulunywa ngawo kakhulu ukwedlula ezinye izihloko. Iningi labantu libe nemibono eyahlukene ngawo, kanti okugqame kakhulu wukuveza amabele kubantu besifazane,okuyinto yakwaZulu. Lo mdlalo ugabe ngabalingisi abanohlonze okubalwa kubona no Ayanda Borotho, uThandeka Dawn King, uWiseman Mncube, nabanye.

Previous articleKufufusa umbango ngokhonjwa kwiChiefs
Next articleUdalula izinhlelo zakhe ngendlunkulu kaZulu