‘UTHOKO USAPHILA NGAPHAKATHI KIMI, NGILA NGIKHONA NGAYE’

260
UTHEMBI MTSHALI-JONES

LUCKY CAIN
INKAKHA yomlingisi uThembi Mtshali-Jones ithi isagxuma ihlale uma imenyezwa ngegama likaThoko kunelikadokotela njengoba kulo nyaka ihlonishwe yiDurban University of Technology (DUT) ngeziqu zobudokotela. Ekhuluma neLANGA emcimbini wezicukuthwane wesiteshi sikamabonakude iNetflix, obuseMhlanga ngeledlule, uThembi uchaze khona lo nyaka njengobe yisibusiso kuyena, nakuba zibe khona izingqinamba. Uthe abalingisi besimanje bayabusa ngoba imisebenzi isithe chithi saka futhi neziteshi zikamabonakude sezikwazi nokufinyelela kubabukeli bakwamanye amazwe.


“Ngezikhathi zethu, sasithembele eziteshini ezimbalwa ezazibukwa ngababukeli bakuleli nje kuphela,” esho. INetflix ingesinye seziteshi ezisabalele umhlaba wonke ngenxa yokuthi itholakala kwiinternet. UThembi uthe kuyamjabulisa ukuthi eminyakeni eminingi ekulo mkhakha, usakwazi ukufunda kubalingisi abeza ngemuva kwakhe futhi kuyamkhuthaza nokusebenza nentsha ekhombisa ukulangazelela ukufunda kuyena. Le nkakha iyibambe kwiMbewu ekhonjiswa phakathi nezinsuku esiteshini esizimele i-eTV kanti ibala lo nyaka njengohambe
kahle empilweni yayo kwazise ihlonishwe ngeziqu zobudokotela yiDUT.

Ithi namanje isadideka uma abantu beyiphakamisa ngokuthi nguDkt Mtshali-Jones ngoba kakukangeni kahle engqondweni. “Uyabona uma ungibiza ngoDkt Thembi Mtshali-Jones ngiqale ngidideke, kakufani nokuthi umuntu angibize ngoThoko (okuyindawo azakhele udumo ngayo emdlalweni iSgudi’ Snaysi),” esho ehleka. Utshele leli phephandaba ukuthi “uThoko” usaphila kakhulu ngaphakathi kuyena. “Ngeke ngilokhu ngishona le nale, ngilapha engikhona ngenxa yendawo kaThoko, lo mdlalo yiwona owangivulela indlela neminyango eminingi kumabonakude nakwishashalazi kuleli naphesheya kwezilwandle.”n Uphethe ngokuthi usazivulile izandla kweminye imidlalo nakumafilimu. “Kulo msebenzi wethu sifana namasosha afela emsebenzini ngoba size siyongena egodini sisebenza.”

Previous articleIsililo bephucwa uR200 000 wesitokofela
Next articleKusolwa isihlobo ngomfana (06) obulawe ‘wacwiywa’