Uthole ukugxekwa uBaxter

519

Abalandeli bamsola ngokudlalisa iChiefs ibhola lobugwala

SENZO SOKHELA

UGXEKWE nxa zonke umqeqeshi weKaizer Chiefs njengoba abalandeli bale kilabhu bekhala ngokuthi ngeke ize iye ndawo ngoba uyivaka. IChiefs ishayane yaze yabukana neCape Town City kuba ngu-0-0 kowe DStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa eCape Town Stadium. Abalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ilaka labo ngomqeqeshi uStuart Baxter (osesithombeni) njengoba bemsola ngokuba yivaka. Bakhala ngokuthi iChiefs beyingeke inqobe vele njengoba lo mqeqeshi eqale ngabadlali abangu-7 abamakayo.


Kulabo badlali kungabalwa u-Erick Mathoho, uDaniel Cardoso, uThabani Dube, uRamahlwe Mphahlele, uReeve Frosler, uNjabulo Blom noPhethu Nange. Abanye bebelibeka ngesihloko elokuthi lo mqeqeshi ulokhu elibulala kancane kancane ibhizinisi lakwaMotaung. Nokho uBaxter uthi ubona inhlansi yethemba kwezakhe. “Ngikholwa wukuthi ukungabi bukhali kwawo womabili amakilabhu kube nomthelela ekutheni sidlale ngokulingana. “Besizama ukufikelana kodwa kwale khona uma sesiphambi kwamapali. “Kodwake ngikholwa wukuthi sidlale kahle kakhulu kulo mdlalo. “Sidlale kangcono kakhulu kanangendlela esidlale ngayo sibhekeneneTS Galaxy. “Nenkundla ayizange isenzele ubulungiswa ngoba ngesiwombe sesibili bese imanzi kakhulu ngenxa yamazolo.


“Ngizothatha okuhle kulo mdlalo uma ngibheka ukuzinikela, ukuhleleka nokukwazi nje ukudlalisa abagadli bethu. Inhlansi yethemba ikhona sibile nezigameko ezithembisayo,” kusho uBaxter. Uthi uma abagadli bakhe besefomini ngeke ubaqhathanise namuntu, baseqophelweni eliphezulu. “Sakhe inqwaba yamathuba. Ngisho umdlalo usuyophela besilokhu sizamile ukufaka amabhola ayingozi. “Abagadli bethu abathathu uma besefomini babalwa nabathathu abaseqophelweni eliphezulu kuleli.


“Bebenomdlandla kanti nendlela abebenyakaza ngayo ibisezingeni eliphakeme,” kusho uBaxter. Ebuzwa ukuthi kungenzeka yini kubonakale izinguquko eqenjini lakhe uthe: “Angiyena umuntu okhonze ukushintshashintsha isikwati ngoba nakhu enabadlali. “Umuntu kufanele angene esikimini ngoba kumfanele, abe ngcono kunabala abadlalayo. “Angikholwa ukuthi abagadli bethu abathathu badlala kabi. “Ngikholwa wukuthi asibeseki ngendlela efanele nokubanika amabhola amahle. “Kodwa ngesinye isikhathi uma ungakori akukhathalekile ukuthi ungumdlali oseqophelweni eliphezulu kufanele uphunyuzwe,” kusho uBaxter.

Previous articleBathembisa ukugcoba owabo abamelene neSilo uMisuzulu
Next articleABAZALI BABONGA UMASIPALA NGOKUXHASA ABAFUNDI