Utholwe enqunu ‘obulawe ngosibali’

1203
Kuthiwa ufice isinqandamathe sakhe silele nenye indoda

SKHOSIPHI MTHEMBU 

USABABAZA umphakathi waseNgonini, eNquthu, ngesihluku okubulawe ngaso owesilisa okuthiwa ushaywe ngodadewabo besi-nqandamathe sakhe emuva kokuba esibambe silele nenye indoda, isidumbu sakhe sayolahlwa em-gwaqweni ngeledlule. 

   Ukubulawa kukaMnu Mlamuli Mboneni Radebe (33), kushiye abantu bedidekile njengoba ukukhuluma kuhlukene phakathi endaweni, kwazise abasolwa babika ukuthi umufi ubefuna ukudlwengula udadewabo abenobudlelwano bezothando naye. 

    Ngokuthola kweLANGA ngemithombo yalo, uMnu Radebe uye endlini yesinqandamathe sakhe eyosibheka okuthe uma efika, wathola ukuthi kunowesilisa ebesilele naye endlini. 

    Kubikwa ukuthi kube sekuqubuka ingxabano eholele ekutheni isi-nqandamathe sikamufi sifonele odadewabo nezihlobo. 

    Kube wukufika nje, bangabuza mkhuhlane, bamkhwelela ngenduku washonela endaweni yesigameko maqede isidumbu bayosilahla emgwaqweni, ngokusho komthombo. 

   Umthombo uqhube wathi kube sekushaye-lwa amaphoyisa ucingo, afike athola emphaka-thini ukuthi umufi ubenobudlelwano nomunye walaba besifazane. 

    UMnu Sphamandla Radebe ongumfowabo kamufi, uthe okwama-nje bebengakaze bahla-ngane nabasolwa ukuze bezobachazela kahle ukuthi umfowabo ube-nzeni. 

    Uthi kunzima ukuqagula ukuthi umfowabo ubenobudlelwano yini nomunye walaba besifazane.    

     “Isidumbu sakhe sitholwe si-nqunu sebesilahle emgwaqweni. Sizwe kuthiwa ushaywe ngama-ntombazane abalelwa kwawu-5, okuyiwona lawa aboshiwe. 

    “Okwamanje kulukhuni ukuba singaqagula ukuthi ubenobudle-lwano yini nomunye wabo ngoba ubengasitsheli ngempilo yakhe yezothando.

   “Okusiphatha kabi kakhulu siwumndeni wukuthi laba bantu abenze lokhu siyabazi lapha ekhaya futhi nabo bayakwazi ekhaya, naye umufi bayamazi,” kusho uMnu Radebe. 

    Uchaze umufi njengomuntu obezithobile, ekhonze umculo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe likhona icala loku-bulala elivuliwe kanti kuboshwe abasolwa abane emuva kokuba kushaywe kwabulawa owesilisa obesolwa ngokuzama ukudlwe-ngula owesifazane. 

Uthi abasolwa ababoshiwe baphakathi kweminyaka ewu-32 kuya ku-54 ubudala kanti bavelile eNkantolo yeMansthi eNquthu, bazophinde bavele kusasa ngo-Lwesibili njengoba uphenyo lusaqhubeka. 

Ube esexwayisa abantu ukuba bayeke ukuzithathela umthetho kodwa badlulisele umsolwa emaphoyiseni ngoba uma benza lokho nabo bengaboshwa.

Previous articleUkhala ngokuphucwa izisebenzi
Next articleKuheleze umoya wobumbano kwiMpucuzeko