PHUMLANI GAMA
KUBONWA ngokusa kusomatekisi waseBhucanana, eMpangeni, otholwe yinyanga ebiyogeza iziguli ehlathini ngoLwesine, emuva kwezinsuku ezimbili ethunjiwe nomsizi wakhe.
UMnu Xulu (umndeni wakhe ongathandanga negama lakhe) kuthiwa ubethunjwe ngabantu abangaziwa ngoLwesibili olwedlule, ehamba noMnu Sandiso Magwaza (25) (osesithombeni), okutholakale isidumbu sakhe emakhazeni aseMpangeni ngoLwesihlanu.
Ilungu lomndeni walo somatekisi – elicele ukuba kugodlwe igama lalo – liveze ukuthi isisulu sitholwe sinemihuzuko yokushaywa emzimbeni, namanxeba amabili okugwazwa.
Liveze ukuthi kunezinsolo eziqinile zokuthi izigilamkhuba zimshiye zizitshela ukuthi ushonile kanti kuzofika ume-laphi wendabuko obeyogeza izi-guli zakhe kuleli hlathi eligudle ulwandle.
UNkz Nonhlanhla Magwaza ongunina kamufi, uthe indodana yakhe ibisinesikhathi eside isebenzela erenki yamatekisi, ibuye ibambele abanye abashayeli.
“Sinemibuzo engapheduleki kulolu daba ngoba amaphoyisa akukho okubambekayo asitshele khona, ngaphandle kokuyo-sikhomba isidumbu emakhazeni.
“Umbuzo esinawo ngowokuthi uma ngabe bebefuna umnikazi wetekisi, bebeyibulalelani ingane yami,” kusho uNkz Magwaza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engakayiphenduli.
phumlani@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za