Utholwe eseyisidumbu uthisha ophunyelwe wu-R2.7 million

574

Kuthiwa ugcine ukubonakala ethi uyofaka imali yasesontweni ebhange

SITHOLWE emuva kwezinsuku ezine isidumbu sowesifazane onyamalale ngoMsombuluko odlule, kanti umndeni wakhe usola isoka lakhe

SKHOSIPHI MTHEMBU
noJOHN HLONGWA UBESANDA kuphunyelwa wu-R2.7 million wempesheni owesifazane wase-Arbor Park, eNewcastle, othathe umhlalaphansi ngoNhlaba (May), emuva kokuba nguthisha kusukela ngo-1993, okutholakale isidumbu sakhe ngoLwesihlanu kade enyamalale ngoMsombuluko ngeledlule. Umndeni usola isoka likaNkz Cynthia Mtshali (61), okungelokufika eNingizimu Afrika, ngokunyamalala nokubulawa kwakhe. Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNkz Mtshali sitholwa nje, ngoMsombuluko kwatholakala imoto yakhe ndawana thize eNgogo, khonam eNewcastle, emuva kokuba engabuyanga ekhaya.


Kubikwa ukuthi unyamalala nje, ubehambe eyofaka imali yasesontweni ebhange njengoba ebengumgcinimafa ebandleni abekhonza kulona. UMnu Sibongiseni Mtshali ongumfowabo omncane kamufi, uthi ugcine ukubona udadewabo ngoMsombuluko kade emcele ukuba amgudluzele izimoto ebezipake emuva kweyakhe egcekeni. “Ngiphumile ngamgudluzela izimoto, wabe esehamba eya enxanxatheleni yezitolo eyofaka imali ebhange. Sihlalile usuku lonke silindile ukuthi uyabuya, kodwa kwaze kwahwalala. Ngihambe ngayolala ngoba ngibona ukuthi akabuyi kwazise bekumele ngimlinde angene bese ngibuyisela izimoto njengoba zipaka emuva kweyakhe.


“Kufike osondelene nomndeni ngakusasa wasibikela ukuthi imoto yakhe itholakale ndawana thize eNgogo. Amaphoyisa asithintile sabe sesinikela khona lapho kutholakale khona imoto. Okusixakile wukuthi indawo atholwe kuyona, igqagqene nalena okukhona kuyona inxanxathela yezitolo ahambe eya kuyona, futhi akekho umuntu ajwayelene naye ohlala ngakule ndawo okutholwe kuyona imoto. Omakhalekhukhwini bakhe bebekhona emotweni kodwa isikhwama singekho,” kusho yena. Uthe usola ukuthi isoka likadadewabo kukhona elikwaziyo ngokufa kwakhe.


“Udadewethu ubefundisa eNquthu, wathatha umhlalaphansi, wangenelwa wu-R2.7 million. Kodwa indlela udadewethu abengasenamali ngayo, iyaxaka.Bekuthi uma umbuza athi izongena maduze. Ubesanda kuboleka imali kimi. Ngiyasola isoka lakhe lishaye lachitha nale mali ngoba kalisatholakali uma lifonelwa. “Umfundisi uma eyobheka lapho beliqashe khona, kuthiwa linamasonto amabili linyamalele, lishiye lingakhokhanga ngisho irenti,” kuqhuba yena. Okhulumela amaphoyisa Kwa- Zulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa asaphenya.

Previous articleBalwela ukunciphisa isinyokotho ezikoleni
Next articleItshe limi ngothi kumqeqeshi weChiefs